AYANGENA ezitolo amakhasimende kodwa akufani neminyaka edlule, obekushaya lesi sikhathi seziphelile izipesheli zeBlack Friday kwezinye izitolo Isithombe: BONGIWE ZUMA
AKUBUKEKI zizokwenza inzuzo etheni izitolo njengoba sekuze kushaya izikhathi zasemini zilokhu ziwanxenxe njalo amakhasimende. Ngokujwayelekile ngalesi sikhathi kusuke sekukhulunywa ukuthi kukhona izitolo esezivaliwe ngenxa yokugcwala kwamakhasimende ngaphakathi. Izimpahla eziningi zisuke seziphelile, abantu bebanga ngisho kwezamafenisha. Kodwa kubukeka liya ngokwehla isasa kubathengi ezitolo.
Nyakenye kwaba ngesifazanayo ngenxa yokuthi iningi labantu belisashaywe yiCovid-19, abanye baphelelwe yimsebenzi. Kulokhu yize abantu abaningi beholile, abanye behlukanise izitokofela kodwa kubukeka njengendali ejwayelekile yokuphela kwenyanga.
Imihlobiso nezikhangiso ezihehayo kukhona ezitolo kodwa ezinye sekuze kwaziphoqa ukuthi zivule imibhobho, zimemeze amakhasimende ngenxa yesimo esibukeka singagculisi. Leli phephandaba lizohambela izindawo nezitolo ezahlukene, ukubona nokuzwa ukuthi luqhubeka kanjani usuku njengoba kukhona abasabambeke ematohweni, okulindeleke badlule ezitolo.
Related Topics: