ISITSHUDENI saseMthashana FET College KwaNongoma, uPhiwayinkosi Ntshangase, esingenele umncintiswano we-World Skills Competition ose- Austria neMeya kaMasipala waKwaNongoma, uMnuz A;bert Mncwango Isithombe: SITHUNYELWE
UBONGA uMdali unina wesitshudeni esithole ithuba eliyingqayizivele lokuphakambisa elakuleli, emncintiswaneni wamazwe ahlukene ose- Austria.
Umncintiswano we- World Skills Competition oqale ngoMsombuluko uzoze uphele ngoNovemba 26.
UNkk Thembani Ntshangase wasoSuthu KwaNongoma, uthe indlela ajabule ngayo njengoba ingane yakhe ingenele umncintiswano, uswele amaphiko okundiza.
Indodana yakhe, uPhiwayinkosi Ntshangase (23) eyenza izifundo ze- Electrical Engineering eMthashana FET College KwaNgongoma, uthe ingenele umncintiswano ngo-2020 kodwa okwagcina kuholela ekutheni umiswe ngenxa yeCovid-19.
Uthe uPhiwayinkosi ubeyingane ebihlezi yenza izinto ezinhle, ebezimshiya emangele ngaso sonke isikhathi futhi azizwe eziqhenya kakhulu ngaye.
"Uyingane ewuthanda kakhulu umsebenzi wezandla. Ugesi ngezinye zezinto azifelayo ngazo. Ngibonga uMdali ngokungibusisa ngoPhiwayinkosi. Igama engamqamba lona alinawo umlando, lazifikela nje kimi. Njengoba esenza izinto ezingishiya ngimangale ngiyabona ukuthi ngamuphiwa iNkosi ukuze angijabulise njengonina," kusho uNkk Ntshangase.
UPhiwayinkosi uzoqhudelana nezitshudeni zamanye amazwe angu-23.
Lesi sitshudeni sibonge umsakazi weNongoma FM, uNqubeko Ndlela onxuse uMasipala waKwaNongoma ukub ungenelele ohambeni lwaso.
" Ngidlulisa amazwi okubonga umasipala ngokuthi ngesikhathi esincane kangaka ukwazi ukwenza zonke izinhlelo ngempumelelo," kubeka le nsizwa.
Imeya kaMasipala waKwaNongoma, uMnuz Albert Mncwango, ithe kuyathokosiza ukubona uNtshangase ephakamisa igama laKwaNongoma elibeka kwibalazwe.
"UNongoma udume ngokukhiqiza izinkabi. Njalo uma kubanjwe imoto yemali eGoli noma eCape Town kusolwa abantu baKwaNongoma. Ngikhuluma nje nasecaleni likaSenzo Meyiwa kuthiwa omunye wabasolwa ungowaKwaNongoma," kusho uMncwango.
Uthe ukholwa ukuthi ikhono likaNtshangase lizosiza ekulweni nenkinga yokucisha kukagesi edlangile kuleli.
Related Topics: