BAZOBUKISA ngamabhizinisi abo ahlukene osomabhizinisi basePort Shepstone namaphethelo njengoba uqala namhlanje umbukiso owaziwa ngeMayoral Business Fair, owenziwa wuMasipala iRay Nkonyeni, oholwa nguMnuz Sikhumbuzo Mqadi Isithombe: SITHUNYELWE
OSOMABHIZINISI abangaphansi kukaMasipala iRay Nkonyeni bazokhangisa amabhizinisi abo futhi bawathuthukise njengoba uqala namhlanje umbukiso owaziwa ngeMayoral Business Fair.
Lo mbukiso uzoba seSouthcoast Mall, eShelly Beach, eMargate namhlanje.
Kuwona kuzobe kukhona izinkampani ezihlukene ezinkulu kuleli, ngisho amabhange azobe esiza osomabhizinisi abasafufusa nabasafuna ulwazi ngalo mkhakha.
IMeya yalo mkhandlu uMnuz Sikhumbuzo Mqadi ithe umbukiso sebewenze izikhawu eziyisihlanu, uletha omkhulu umehluko emnothweni womkhandlu.
“Eminyakeni edlule lo mbukiso unike amathuba osomabhizinisi abancane abangaphezu kuka-200, okuthi babukise ngabakwenzayo ukuze baziphilise. Abagcini nje ngokubukisa ngamabhizinisi abo kuphela kodwa bahlangana nabanye, bachushinane ngabakwenzayo nabangakwenza. Uma benza imikhiqizo efanayo, babonisane ukuthi bangasebenzisana kanjani,” kusho uMqadi.
Uthe ngokuhlanganyela noMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha nezeMvelo esifundazweni nenkampani iRedefine engabaphathi benxanxathela yezitolo abazohlangana kuyona bahlele ukuthi babuyise konke okwalahleka ngenxa yeCovid nezigameko zokutapa kulesi sifundazwe.
“Ngeke sizishiye ngaphandle izikhukhula ezisihlasele ngenyanga u-Ephreli, ngakho sinxusa ukuthi abantu emiphakathini yethu, kanjalo nosomabhizinisi baphume ngobuningi babo,” kuchaza yena.
Related Topics: