Izindaba

Undunankulu uhambele isikole okugwazwe kwabulawa kuso umfundi

Nonkululeko Nhlapo|Published

Undunankulu uhambele isikole okugwazwe kwabulawa kuso umfundi

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube, usenxuse ukuba kwandiswe amaphoyisa azohambela imiphakathi eyakhelene nezikole ukuqapha ukuphepha kwazo.

Lokhu kulandela isigameko sokugwazwa kubulawe umfundi ka-matric eMandlenkosi Secondary eLindelani, eThekwini.

UThabani Vilakazi (21) kuthiwa ugwazwe ngumfundi wakaGrade 10 ngaphakathi emagcekeni esikole kubangwa intombi.

Kuthiwa umsolwa ufike bemile bebathathu, wacela ukukhuluma nomufi, kwathi kungazelelwe, wamgwaza kanye esiswini. Kuthiwa ushonele emtholampilo wendawo emva kokuphuthunyiswa khona.

UDube-Ncube ubehambele lesi sikole ngoLwesine, wakhuluma nabafundi nothisha ngobubi bodlame ezikoleni. Uveze ukuthi baxhumene noMnyango wezeMpilo ngosizo lokwelulekwa ngokwengqondo kwabafundi nothisha ngoba okwenzekile kuphazamise wonke umuntu.