UMNUZ Nsizwakazifani Khumalo ongumsunguli wenhlangano iThubelihle ECD and Foundation, enomkhankaso iQaphela Mshayeli eqwashisa abashayeli ngezinto okumele bazigweme uma beshayela kakhulukazi njengoba siya emaholidini Isithombe: SITHUNYELWE
USOMATEKISI okhathazwa ngukwanda kwezingozi ezidalwa ukunganaki uqwashisa abashayeli ngokuziphatha kahle emgwaqweni njengoba sekusondele isikhathi samaholidi.
UMnuz Nsizwakazifani Khumalo onamatekisi nongumsunguli wenhlangano iThubelihle ECD and Foundation, eyenza umkhakhaso wokukhumbuza abashayeli ngezinto okumele baziqaphele uma behamba emgwaqweni, iQaphela Mshayeli, uthe kubalulekile ukuthi abashayeli bakhunjuzwe ngezinto okumele baziqaphele njalo uma besemgwaqweni.
Le nhlangano muva nje yenze umcimbi obusehostela eWema lapho bebize khona abantu abehlukene abathintekayo uma kukhulunywa ngodaba lwasemgwaqweni. Unyaka wesibili inhlangano yenza lo mcimbi.
Uthe amaphutha enzeka emigwaqweni aholela ekutheni kugcine kushone abantu abondla amakhaya.
"Ezinye izinto ezenzekayo zingagwemeka uma abashayeli nabantu bengakhunjuzwa ngazo. Ngalo mkhankaso sisuke sikhumbuza abashayeli nawo amalungu omphakathi ukuthi asiqaphele siphinde sikhulekele labo abasishiya ezingozini zomgwaqo," kusho uKhumalo.
Uthe bafisa ukuthi uMnyango wezokuThutha uqhamuke nendlela engalandelwa ukuze abashayeli bathole isipiliyoni.
“Umuntu ofundele ubuthisha uphuma ekolishi noma enyuvesi aye esikoleni ayothola isipiliyoni, ngapha ekushayeleni ayikho indawo lapho uya khona uyocijwa ikhono. Ekugcineni kugcina sekunezingozi ezidalwa ukuthi umshayeli akakavuthwa kahle,” kusho uKhumalo.
UMnuz Bongani Cele ongusihlalo womalume kwi-scholar transport kusoseshini iNingizimu1, unxuse abazali ukuthi baqaphele ukuthi ingane ihamba ngani uma iya esikoleni ngoba kunezimoto ezingavumelekile ukuthi zithuthe izingane.
"Singabanikazi bezimoto sinomkhuba wokuthi silayishe izingane ezimotweni ezingamaveni kanti umthetho awusakuvumi lokho okubeka engcupheni impilo yezingane," kusho uCele.
UMnuz Khorola Lesothoa weKZN Liquor licensing, uthe bayakujabulela kakhulu ukuba khona kwalo mkhakhaso ikakhulukazi ngalesi sikhathi ngoba kubanikeza ithuba lokukhumbuza abantu izinto ezithinta ukuphiswa kotshwala nabo obunomthelela ezingozini zomgwaqo.
Related Topics: