IMEYA yaseZululand uMnuz Thulasizwe Buthelezi ekhonjiswa nguHawu Mathabela noQuinton Langa asebekwazi ukukwenza ngekhompyutha Isithombe : BONGIWE ZUMA
LUZOFIKA ezikoleni zasemakhaya uhlelo lwezobuchwepheshe iCoding and Robotics sebevuthiwe kwezobuchwepheshe abafundi baseMbhasobheni Primary oLundi.
Lesi sikole esinabafundi abawu-1 450 sinikelelwe uMasipala waseZululand ngamakhompyutha awu-20 naseqalile ukucija abafundi ngamakhono ahlukene ezobuchwepheshe okubalwa nokwenza ingxenye yezifundo kuwo.
Ngaphandle kwabafundi balesi sikole, kulindeleke ukuthi nothisha nabafundi bezikole ezakhele iMbhasobheni basizakale ngokuncela ulwazi kuyo.Omunye wabafundi uHawu Mathabela (11) waseJikazi owenza uGrade 7, uthe into emjabulisa kakhulu wukuthi sekuzoba lula ukwenza ucwaningo ngomsebenzi wesikole futhi uzofana nabafunda esilungiwini.
"Sesifundisiwe nokungena kwikhompyutha ukhethe umdwebo uwutshele ukuthi wenze le nto oyifunayo. Ngijatshuliswa nawukuthi ngizokwazi ukucwaninga konke engifisa ukukwazi ngayo," kusho uHawu.
UQuinton Langa (11) owenza uGrade 5, uthe ngeke besakhathazeka ngokushodelwa yi-data yokwenza umsebenzi wesikole ngoba ayipheli abafakelwe yona.
Uthishomkhulu, uNksz Ntombi Mbatha, uthe kade babelufisa uhlelo lwezobuchwepheshe iCoding and Robotics kulesi sikole, belubonela kude. Uveze ukuthi sebekhona nothisha abaqeqeshelwe amakhono esimanje okufundisa ngezobuchwepheshe.
"Ngafaka isicelo kwimeya bafika bezobheka bawaletha, ngalo lelo sonto aqala asebenza amakhompyutha. Unyaka wonke bebelokhu beyisebenza indaba yawo njengoba sesiwethula ngokusemthethweni," kusho uNksz Mbatha.
Imeya kamasipala uMfundisi Thulasizwe Buthelezi, ithe nayo ingomunye wabantu abafunde kulesi sikole futhi kuyayikhathaza ukusalela kwezinye zezinhlelo zokufunda nokufundisa. Ukusukumela phezulu lolu hlelo lwezobuchwepheshe uthe ukubona kusemqoka ezikoleni zasemakhaya ukuqinisekisa ukuthi abafundi bafika emanyuvesi besezingeni elifanayo nabaye ezikoleni zomtakabani.
"Ikhompuytha ngiyiqabuke enyuvesi nokuyinto okumele siyishintshe ingenzeki ezinganeni, zifike zifana nezinye.
“Indlela yokufunda nokufundisa manje incike kakhulu kwezobuchwepheshe yingakho sihlaba ikhwelo, sicele nokulekelelwa yizinkampani ezifana neGreen G Technologies kaMnuz Tusani Mshololo ofake isandla kulesi sikole," kusho uButhelezi.
Uthe kukhona nebhange elibathembise ukuthi lizolekelela izikole ezingaphansi kweZululand.
Related Topics: