Izindaba

Kukhalwa ngowaseNigeria odedele i-video yocansi kasomlomo we-ANC

Nonkululeko Nhlapo|Published

USOMLOMO esiShayamthetho saseFree State isithombe: Twitter

IZUNGEZA ezinkundleni zokuxhumana i-video yocansi kaSomlomo we-ANC esiShayamthetho saseFree State.

Imibiko ithi lo wesifazane ogamalakhe nguNksz Zanele Sifuba ugilwe ngowesilisa okukholakala ukuthi uyisoka lakhe elidabuka eNigeria ebelifuna alikhokhele imali enguR300 000 ukuze lingayisabalalisi le video.

Kuthiwa uSifuba unqabile ukukhokha le mali, kwasa elanamuhla isigcwele ezinkundleni zokuxhumana.

Omunye usaziwayo oke wehlelwa yisigameko esifanayo kuzungeza ezinkundleni zokuxhumana isithombe sesitho sakhe sangasese uPrince KayBee uthe: “Uma ngibuka okwehlele uNksz Zanele Sifuba ngikhumbula ngisocingweni nomama wami ngemuva kokuthi i-video yomphambili wami isatshalaliswe yonke indawo. Bengingakaze ngimuzwe ephoxeke ngaleya ndlela. Wayelokhu ekhale njalo futhi nami angikwazanga ukuzixolela ngalokhu okwenzeka.”

Abantu abaningi abayibonile le video bayazwelana nalo wesifazane. Bathi wonke umuntu osekhulile uyalulangazelela ucansi futhi akukho okubi ngalokho, okubuhlungu yilokhu osekumehlele ngosatshalaliswa kwale video obekumele igcinwe iyimfihlo phakathi kwakhe nesoka lakhe.