Izindaba

Obeyiphara usesiza abenenkinga yezidakamizwa

Phili Mjoli|Published

UMNUZ Mbongiseni Msomi, oke waba yiphara elihlala ezitaladini zaseThekwini, usenenhlangano esiza abanenkinga yezidakamizwa

OWAYEYIPHARA elihlala ezitaladini zaseThekwini usevule inhlangano esiza abafuna ukuyeka ukusebenzisa izidakamizwa.

UMnuz Mbongiseni Msomi waseScottburgh, osekuphele iminyaka eyisikhombisa engazithinti izidakamizwa, usungule iLaqhakaza Iphara Recovery Organisation, esiza abanenkinga yokusebenzisa izidakamizwa, abaphuza ngokweqile, abathanda ukwenza ucansi ngokwedlulele nabanenkinga yokugembula.

Le nhlangano iphinde iqeqeshe abafuna ukuba ngabeluleki emkhakheni wezenhlalakahle.

UMsomi, ogcine esebhema iwunga, uthe waqala kancane wabhema ugwayi nabanye abangani bakhe wagcina engasawuzwa.

"Ukuba umlutha wezidakamizwa kuqala unganakile futhi usuke ungabon iukuthi usufike esigabeni lapho uzogcina usulawulwa yizona. Ngangilokhu ngifuna ukuzwa izinto eziningi, ngiganga nje ngoba sengikhathele ukudla uswidi njengezinye izingane. Ukwenza kwami kugcine kuholela ekutheni ngingene ngigxile ezidakamizweni, kuthi noma ngibona ukuthi kumele ngiphume kodwa kube nzima ngoba angisazi ngizoqala kanjani,” kuchaza uMsomi.

Uthe uninakhulu, okunguyena owamkhulisa,wayengaboni ukuthi useyabhema ngoba ubelusa abuye sekuhwalele, imikhuba yakhe eyenza ekwaluseni.

"Indaba yonakale ngesikhathi sengisoleka ukuthi ngintshontshe imali ekhaya. Ngadinwa ngoba ngangingayintshontshanga yize ngase ngiqalile ukuganga. Ngaduba ngahamba ekhaya ngayohlala ezitaladini eSiphingo, ngagcina sengihlala eThekwini. Kulapho ngafunda khona izidakamizwa eziningi nokuthi yisiphi engisithandayo, obekuthi uma nginemali ngithenge sona. Uma ngingenamali, bengibhema noma yini engihlangana nayo," kusho yena.

Uthe uyeke izidakamizwa ngo-2015.

"Uma uyiphara uhlale uboshwa ngoba amaphoyisa avele akucaphune. Besikujabulela lokho thina ngoba siyazi ukuthi kukhona abazoboshwa bephethe izidakamizwa bese siyabaphuca. Okunye obekumnandi ngokuboshwa ukuthi uzoke uhlale endaweni enganethi, awukhathazeki nangokuthi izulu liyaduma. Ukuboshwa kokugcina ngo-2015 yikho okwangenza ngakwazi ukuphunyula. Ngahlangana nomuntu owayedla izidakamizwa esephuma esikhungweni esisiza ekutheni unqobe inkinga yazo. Wayengabonakali ukuthi useziyekile, ngathi uma ngimbona ngathuka ngibona indlela ayeseyiyo namazinyo engasekho, naye wathuka ebona indlela engase ngivithike ngayo. Wakhuluma nami ngokuthi ngingenzenjani ukuze ngiyeke," kusho uMsomi.

Uthe namanje usekulo uhlelo olumsizayo ekutheni angalokothi abuyele ezidakamizweni kodwa akazange afike esigabeni sokuya esikhungweni, wasizwa wukujoyina isigungu lapho bevulelana khona izifuba. Kulesi sigungu uthe kunamasu angu-12 asetshenziswayo ukuze usizakale, nenhlangano yakhe isebenzisa wona ukuze isize abanye.

"Ngesikhathi ngikulolu hambo yilapho kuvele khona ukuthi empeleni benginentukuthelo ngizibona ngingathandwa. Ngathola abantu abangesekayo, abangikhombisa uthando. Angisafuni nokusondela ezidakamizweni ngisho notshwala sengiyabuzonda. Ungaphika ukuthi ngake ngabuphuza."

Uqhube wathi inhlangano yakhe ithola ukwesekwa kakhulu ngoba inosonhlalakahle oyivolontiya namanye amavolontiya amlekelelayo.

"Sengisize abantu abaningi ebesiphila nabo ezitaladini futhi ngisafisa ukuthi ngiqhubeke,” kusho uMsomi.