Izindaba

Abe-ANC bazomashela ukusocongwa kwamakhansela

Sabelo Nsele|Published

Abe-ANC bazomashela ukusocongwa kwamakhansela

AMALUNGU e-ANC esifundeni iGeneral Gizenga Mpanza ahlela ukuba nombhikisho wokulwa nokubulawa kwamakhansela.

Umbhikisho ohlelwayo kuthiwa uzolibangisa esiteshini samaphoyisa esiKwaMaphumulo.

Lokhu kulandela ukuphela kwenyanga kungaboshwe muntu ngokubulawa kwekhansela le-ANC, uMnuz Zakhele Khuzwayo, owadutshulwa wabulawa ngenyanga edlule.

Emhlanganweni wesigungu esiphezulu kwiANC esifundeni iGeneral Gizenga, kunqunywe ukuba kube nombhikisho ozolibhekisa esiteshini samaphoyisa endawo.

Okhulumela i-ANC kulesi sifunda, uNkk Thandeka Ngidi-Mkhize, uthe ayikho into ebambekayo esiyenziwe ngamaphoyisa aphenya icala lokubulawa kukaKhuzwayo.

“Sicabanga ukuthi umndeni kaKhuzwayo namalungu omphakathi waKwaMaphumulo, okubalwa kuwo namalungu e-ANC, ayadinga ukuthola ubulungiswa ngokushesha. Sinenkolelo yokuthi uma icala lithatha isikhathi eside ukuthi liqulwe, ofakazi bagcina benyamalele. Yingakho sinqume ukuthi sihlele le mashi ukuze sithole izimpendulo siphinde siqwashise abantu ngokubulawa kwamakhansela.”

UNkk Ngidi-Mkhize uthe sekusungulwe ikomiti elizohlela imashi, wathi izinhlelo zemashi zizomenyezelwa uma seziphothuliwe.

UNkk Ngidi-Mkhize uthe benze isifungo emndenini kaKhuzwayo sokuthi bazokwenza konke okusemandleni abo ukuthi kuboshwa bonke abathinteka ekubulaweni kwakhe.

Uthe ngaphambi kokubulawa kukaKhuzwayo maningi amanye amakhansela e-ANC kuMasipala waKwaMaphumulo aveza ukuthi abona engaphephile.

“Sinxusa ukuba kutshalwe izinhloli ezizophenya ngamacala okusocongwa kosopolitiki ahlelwayo nalawo asenzekile. Sinxusa amaphoyisa ukuba enze ucwaningo lokuthi aphephe kangakanani amakhansela ethu kuMasipala waKwaMaphumulo bese futhi ephinde enikwa abaqaphi.”

UNkk Ngidi-Mkhize uthe njengoba kulungiselelwa ukhetho lokuchibiyela lokuvala isikhala esavuleka ngokushona kukaKhuzwayo, amalungu e-ANC aseqalile ukusongelwa.

Uthe lezi zigameko bazozibika einhlanganweni eyengamele ukhetho, i-Electoral Commission of South Africa.Ukhetho lokuchibiyela ku-ward 11 luzokuba ngoNovemba 30.UNkk Ngidi-Mkhize unxuse ukuba kutshalwe amaphoyisa njengoba kuqhubeka umkhankaso wokunqoba ukhetho lwangenyanga ezayo.

“Kunabantu baKwaMaphumulo abazenzela umathanda. Kunabantu abazibona bengaphezu komthetho. Sinxusa amaqembu ezepolitiki ukuba ahloniphe isibophezelo asisayine nenhlangano eyengamele ukhetho.”

UNkk Ngidi-Mkhize uthe bazimisele ngokuyigcina le ward njengoba befuna ukuketula i-IFP kulo mkhandlu.

Uthe sebevele bafake isiphakamiso sokungabethembi ubuholi be-IFP obungene kulo mkhandlu emva kokhetho lohulumeni basekhaya ngonyaka odlule.