USIHLALO omusha we-Action SA KwaZulu-Natal, uMnuz Zwakele Mncwango, othi uzoqala izingxoxo zokubambisana namanye amaqembu nakuba kusasele isikhathi ngaphambi kokhetho lwango-2024 Isithombe:DOCTOR NGCOBO
USIHLALO omusha we-Action SA KwaZulu-Natal, uMnuz Zwakele Mncwango uzoqala izingxoxo zokusebenzisana namanye amaqembu, kwakhiwe uhulumeni wokubambisana.
UMncwango uthe “njengoba i-ANC izokwehlelwa wukwesekwa kube ngaphansi kuka-50% okhethweni olubhekwe ngabomvu lwango-2024,” kubalulekile ukuthi izingxoxo ziqale manje zingaze ziqale uma sekusondele ukhetho.
Uthembise ukuthi uzosebenzisana kahle namanye amaqembu abazobe bebambisene nawo kuhulumeni.
“Izingxoxo zokusebenzisana kuhulumeni zizoqala manje, ukuze kuthi kufika ukhetho sibe sesikhona isivumelwano. Sizowahlonipha wonke amaqembu esizobe sisebenza nawo kuhulumeni wokubambisana,” kusho uMncwango omenyezelwe ngoMsombuluko ukuthi uzovala lesi sikhala ngumholi weqembu, uMnuz Herman Mashaba.
UMncwango uhlabe ikhwelo walibhekisa emaqenjini epolitiki ukuthi ayeke ukujuba izinkabi noma abantu abangakwazi ukufunda imiqingo ePhalamende, eziShayamthetho nakomasipala.
“Amaqembu awayeke ukujuba izinkabi noma abantu abangakwazi ukubuza imibuzo nabazovuma yonke into. Kumele abantu abajutshiwe bangavumelani nayo yonke into kodwa babuze imibuzo, baphinde bafunde imiqingo.”
Uthe uzobuyisa bonke abantu abashiya iqembu asekulo, abanye babo abamshayelile bezwakalisa intshisekelo yokukhuza ibuya.
“Baningi abangishayelile, abanye abashiya kuleli qembu abafuna ukubuya. Ngizosebeza ukubabuyisa ukuze siqhubeke ngoba bukhona ubuholi esifundazweni.”
UMncwango osanda kushiya i-DA lapho abeyilungu lesiShayamthetho, uthe ujabule ngokujoyina i-Action SA.
“Ngithathwe wumbono kaMashaba wokwakha izwe. Ngifuna ukuhlala ezweni lapho abesifazane bephephile kanjalo nezingane. Kumanje aniphephile ngenxa yobugebengu obuphezulu. Ngifuna ukubumba abantu bakuleli, hhayi ukuba seqenjini elihlukanisa abantu.”
Uthe abantu kumele bazi ukuthi osopolitiki bebodwa kabanaso isixazululo sezinkinga ezibhekene nezwe, ngakho kudinga ukuthi kusetshenziswane.
Ukhale ngokuthi lesi sifundazwe sasidume ngokuheha abavakashi, okuyinto engasekho ngenxa yobugebengu nezinye izinto.
“Kumele kuliwe nendaba yabantu abangenazo izimvume zokuba kuleli. ESouth Beach eThekwini akusaphephile. Kuqala kwakuyindawo lapho kwakungcebelekwa khona, kodwa manje ubugebengu budla lubi khona.”
UMashaba uthe bazoba ngelinye lamaqembu amakhulu kuleli emuva kokhetho.
Ubalule ukuthi bazobe behola kohulumeni bokubambisana namanye amaqembu.
“Kudingeka sinike abantu bakuleli ithemba okuyinto abayidingayo. Ngeke silinde ikhomishini yezokhetho ukuthi iyobhalisa abantu ukuthi bavote, kodwa thina sizophuma siyobalanda sibabhalise ukuthi bavote. Ukuba namalungu e-Action SA angabhalisele ukuvota akungisizi ngalutho mina. Ngizophuma ngiyofuna laba bantu ababalelwa ku-25 million asebelahle ithemba, abangavoti.”
Uthe bazowahlonipha wonke amaqembu abazosebenzisana nawo kohulumeni bokubambisana.
Lesi sikhala sivuleke emuva kokusula kukaMnuz Musa Kubheka owathatha izintambo kuDkt Makhosi Khoza owayekwi-ANC.
Related Topics: