Izindaba

Kuxwayiswa ngesimo sezulu esibi

Published

BONISWA MOHALE

AMI ngomumo amathimba ezinhlekelele njengoba kulindelwe imvula ehambisana nomoya onamandla oThukela, Amajuba naseMzinyathi.

AMI ngomumo amathimba ezinhlekelele njengoba kulindelwe imvula ehambisana nomoya onamandla oThukela, Amajuba naseMzinyathi.

KUGQUGQUZELWA abantu ukuthi bahlale beqaphile njengoba kulindelwe imvula ehambisana nomoya onamandla, esithombeni amaphoyisa atathwa etakula imoto eyayigugulwe yizikhukhula eThekwini Isithombe:INQOLOBANE YESOLEZWE

Lesi sixwayiso sikhishwe wuMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu, KwaZulu-Natal ngempelasonto.

Kuvela ukuthi ngoLwesihlanu umoya onamandla obuhambisana nemvula nezulu elidumayo uphephule uphahla lwezindlu kwa-ward 7 no-8 KwaMaphumulo.

UNgqongqoshe woMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala, uthe usekhiphe amathimba ahlola umonakalo ezindaweni ezithintekile.

Uthe amathimba ezinhlekelele ami ngomumo ukuze asheshe angenelele lapho edingeka khona.

Udonse ngendlebe abantu ukuthi baqaphele uma bewela amabhuloho, imifula noma beshayela emgwaqeni.

Uthe isimo esibi sezulu sizohlasela kulezi zindawo:Abaqulusi, Indaka, Ladysmith, Dannhauser, eDumbe, eMadlangeni, Endumeni, Estcourt, Sobabili, Giants Castle, Mooi River, Msinga, Newcastle, Nquthu, Okhahlamba.

Ucele abantu ukuthi bahlale beqaphile.