Izindaba

Kuvuke umunyu, wasikhihla owashonelwa

Charles Khuzwayo|Published

ZIMKHALELE ophule imithetho yomgwaqo oPhongolo Isithombe:GCINA NDWALANE

KUVUKE umunyu kowesifazane owalahlekelwa yindodana eneminyaka ewu-12 enhlekeleleni yengozi yomgwaqo eyenzeka oPhongolo.

UNksz Namile Mamba uhluleke ukuzibamba, wasikhihla isililo ngesikhathi uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube, evakashele imindeni eyalahlekelwa ngamalungu ayo kule ngozi yeloli eyenzeka ngenyanga eyedlule. UNkk Dube-Ncube uthe uhambele le mindeni esemanzini ngoba efuna ukuyoyithoba amanxeba.

UNkk Dube-Ncube, ehambisana noNgqongqoshe wezokuThutha kulesi sifundazwe, uzibambele mathupha ekuqinisekiseni ukuthi imithetho yomgwaqo iyahlonishwa. Abashayeli ababhadanywe bephula imithetho bebeboshwa khona endaweni yesigameko. UNkk Dube-Ncube uthe benzela ukudlulisa umyalezo oqinile wokungabekezelelwa kwabantu abaphula imithetho yemigwaqo kulesi sifundazwe.

KUVUKE umunyu maqede wasikhihla isililo uNksz Namile Mamba ngesikhathi evakashelwe wuhulumeni Isithombe:GCINA NDWALANE