UMNUZ Patrick Buthelezi noMnuz Mpumelelo Mhlawuli emkhankasweni obukwaShell obekuhloswe ngawo ukweseka abashayeli eWestmead ePinetown izolo Isithombe: NQOBILE MBONAMBI
BAKHALA ngokuthi ukukhathala nobuthongo kunomthelela ezingozini zomgwaqo ezimbandakanya abashayeli bamaloli.
Lokhu bakuveze ngesikhathi iShell inomkhankaso obuhlose ukweseka abashayeli bamaloli eWestmead ePinetown izolo.
Umshayeli wamaloli wamabanga amade ohambela eGoli naseThekwini, uMnuz Solvers Ngobeni, uthe inkinga yabo njengabashayeli ukuthi abasitholi isikhathi sokuphumala esanele ingakho behlezi bekhathele.
“ Into yokuqala umshayeli uma ekhathele kumele alale ukuze aphumule avuke enomdlandla lokho kunyusa namazinga okuqapha emgwaqweni.
“ Yize utshwala bungenye yezimbangela zezingozi, kuvamile ukuthi amabhreki eloli kube iwona asuke eyinkinga uma kade kwenzeke ingozi lokho kumele kuqashelwe kakhulu,” kuchaza uNgobeni.
Uthe kumele amaphoyisa aqaphe ama-toll gates aphinde abheke nokuthi umshayeli akazange athinte yini amanzi amponjwana.
UMnuz Samkelo Mbatha, esekuphele iminyaka eyisishiyagalolunye eshayela amaloli ebanga elide, uthe njengabashayeli zibathuse kakhulu izigameko zakamumva ezibandakanya izingozi zamaloli.
“ Akulula kithina ngoba sihlezi sithukile ngoba kwesinye isikhathi sisuke singenalo ulwazi lokuthi iloli isuke izokujikela yini endleleni ugcine usuzithola ususengozini ethatha imiphefumulo,” kuchaza uMbatha.
Uthe ezinye zezinkinga ukuthi babuye bavinjwe amaphoyisa athathe amaloli ngokungekho emthethweni.
Umphathi wezokuphepha emgwaqweni uNksz Phindi Ngidi, uthe umnyango unezinhlelo ezehlukene ezibhekela ukuphepha emgwaqweni.
“ Kubalulekile ukuqwashisa abashayeli ngezingozi ngaphandle kokubathusa ngoba kumele bazi ukuthi izingozi ziyagwemeka.
“ Sithole ukuthi bayakhathala ngoba abasitholi iskhathi esanele sokuphumula bagcine sebenza izingozi kanti kumele lokhu kusukunyelwe kakhulu ngoba amaloli ayohlezi ekhona ikakhulukazi njengoba zingasebenzi izitimela,” kuchaza yena.
Uthe uyakholwa ukuthi ukuqeqeshwa kwabashayeli kuzolekelela noma kuzoba nomthelela ekunciphiseni izingozi emgwaqweni.
Okhulumela i-Shell uNksz Pam Ntaka, uthe njengoba u-Okthoba uyiNyanga yezokuThutha bakhethe ukulekelela abashayeli bamaloli ngokuqinisekisa ukuthi impilo yabo isesimeni esihlelekile ukuze kunciphe izingozi.
“ Sizoqinisekisa ukuthi impilo yabo isesimeni esihle uma besebenza ukuze babone ukuthi sibakhathalele ngoba ibona esisebenzisana nabo kakhulu,” kuchaza uNksz Ntaka.
Related Topics: