BAFUNA ukwakhelwa izindlu zabo emva kokuthi bexoshwe eTehuis abakhahlanyezwa yizikhukhula Isithombe: BONGANI MBATHA/ANA
BAFUNA ukwakhelwa izindli ezithi bona asebephenduke omantunta nendishi abakhahlanyezwa yizikhukhula, abagcine belala emnyango ngeledlule emuva kokuxoshwa ehostela eTehuis lapho bebehleli khona.
Bagcine betholelwe enye indawo yokugoba amadlangala emuva kokuthi belale emnyango esiteshini samaphoyisa eLamontville, ngoLwesithathu olwedlule emuva kokungamukelwa ehostela eWema ababethuthelwa kulo besuswa eTehuis.
UMnuz Sbusiso Mtolo uthe kwafika aboMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu ngoLwesine ntambama, wabathuthela eflethini eMusgrave.
“Akukho esingakwenza ngaphandle kokuhlala ethembeni, yize singenazo izindawo zethu kodwa okubalulekile wukuthi sisenayo indawo yokufihla ikhanda futhi siphephile asilele emgwaqweni.
Uthe okubakhathaza njengoba behlezi endaweni yesikhashana, wukuthi uzwe amahebezi okuthi mancane amathuba okuthi bakhelwe izindlu ngoba kuvele ukuthi iningi labantu abebehlezi ehostela eTehuis bebengenayo imizi yabo phambilini, bebehlala emqashweni.
UNksz Ntombi Maqabane, uthe akanelisekile ngendawo ababekwe kuyona.
“Lincane kakhulu leli flethi esihlaliswe kulona, ekubeni sibaningi, futhi abantu balala emaphaseji.
“Kungasijabulisa kakhulu ukuthi sithola indawo evulekile ukuze izosanela sonke njengoba sisaxakekile,” kuchaza uNksz Maqabane.
Okhulumela uMasipala weTheku, uMnuz Msawakhe Mayisela, uthe idolobha liyaqinisekisa ukuthi abagilwa yizikhukhula banendawo entsha yokuhlala kulandela ukuxoshwa kwabo eTehuis
“Siqale sanquma ukuthuthela abahlali ehostela eWema kodwa sixwayiswe ngezokuphepha ezingase zibe khona kule ndawo,” kuchaza uMayisela.
Uthe idolobha lisaphenya ngembangela yokuxoshwa kwabagilwa nengozi yokuphepha engaba khona.
Okhulumela uMnyango wezokuHaliswa kwaBantu, uMnuz Mlungisi Khumalo, uthe bonke abakhahlanyezwa yizikhukhula batholelwe izindawo zokuhlala zesikhashana, kubalwa nabebehlala eTehuis.
Related Topics: