Izindaba

Owesifazane ethubeni lesenhloko yamajaji eKZN

Sabelo Nsele|Published

I-JUDICIAL Service Commission (JSC) iphakamise ijaji lesifazane ukuba liqokwe ukuba yinhloko yamajaji KwaZulu-Natal.

I-JUDICIAL Service Commission (JSC) iphakamise ijaji lesifazane ukuba liqokwe ukuba yinhloko yamajaji KwaZulu-Natal. Isincomo senziwe yiJSC kuMengamel Cyril Ramaphosa, ukuba aqoke iJaji Thoba Portia Poyo-Dlwati (48) ukuba yinhloko yamajaji eKZN.

Njengamanje iJaji Poyo-Dlwati libambe kwesokuba yiNhloko yamaJaji esifundazweni.

Uma uRamaphosa egcine elandele isincomo iJaji Poyo-Dlwati lizoba ngelokuqala lesifazane ukuba kulesi sikhundla ngokugcwele. Igama likaJaji Poyo-Dlwati liphakanyiswe emva kwenhlolo khono lapho amajaji amathathu agaqele isikhundla ephekwe ngemibuzo ngoLwesihlanu.

Amanye amajaji aphekwe ngemibuzo kube wobambe isikhundla iJaji Mjabuliseni Isaac Madondo neJaji Ester Johanna Sophie Steyn.

Ngesikhathi kuqhubeka inhlolokhono ngoLwesihlanu, iJaji Poyo-Dlwati, lithe likulungele ukuba ngowesifazane wokuqala ukuba sesikhundleni ngokugcwele. IJaji Poyo-Dlwati likuchithile ukuthi kalinaso isipiliyoni esanele ukuthi lingene kulesi sikhundla.

“Into eyenza ukuthi kube khona abangabaza ukuthi ngingakwazi ukubamba lesi sikhundla wukuthi ngingowesifazane osemusha. Ngizibona ngikhipheka inyumbazane kabili. Sengibe yijaji iminyaka eyisishayagalombili.”

Kuphakanyiswa kwegama likaJaji Poyo-Dlwati, uMadondo usanda kukhala ngaphansi engabangiswa muntu kulesi sikhundla.

Ngo-Ephreli uMadondo waya kwinhlolokhono yesikhundla lapho kwakunguye yedwa owayesigaqele.

I-JSC yamchayisa emva kokuthi amalungu ayo ekhala ngokuthi incwadi kaMadondo inengxenye ecwasa abathandana nabobulili obufanayo. NgoLwesihlanu uMadondo uphinde wabuzwa ngencwadi yakhe.

Isekela lenhloko yamajaji, iJaji Mandisa Maya, licele uMadondo ukuthi acacise ngengxenye yencwadi yakhe. UMadondo uthe usezibhale kabusha izingxenye okukhalwa ngazo.

"Incwadi yahumusheka ngendlela okungeyiyo. Yahumusheka sengathi ngingumuntu ocwasa abantu abathandana nobulili obufanayo. Lokhu kwangikhathaza kakhulu. Yingakho ngathatha isinqumo sokwenza okuthile. Lokhu ngakwenza ngingaphoqwanga muntu. Kwakungeyona inhloso yami ukucwasa abathile.

"Ngesikhathi sengihleli ekhaya ngibuka le ngxenye okukhalwa ngayo, ngabe sengibhalela amajaji, ngiwanxusa ukuthi acophelele uma ephethe amacala abantu abathandana nabobulili obufanayo. Kwangifikela ukuthi lababantu bayingxenye yabakade becindezelwe."

UMadondo uphinde wabuzwa ukuthi kuphusile yini ukuthi aqashalwe esikhundleni ekubeni esebheke ekuthatheni umhlalaphansi. Ngokweminyaka uMadondo kufanele athathe umhlalaphansi ngasekupheleni konyaka ozayo.

IJaji Maya libuze ukuthi kungani kungathathwa umuntu oneminyaka esamvumela ukuthi abe sesikhundleni isikhathi eside.

UMadondo uthe iminyaka yakhe kayimvimbi ukuthi aqashwe esikhundleni.