Izindaba

Izinsuku ziyeza ngisazokhuluma ngikhulumisise - Zuma

Nonkululeko Nhlapo|Published

OKHULUMELA iJacob Zuma Foundation uMnuz Mzwanele Manyi nowayengumengameli wezwe uMnuz Jacob Zuma obonge bonke abafike enkantolo bezemeseka Isithombe: TWITTER

OWAYENGUMENGAMELI uMnuz Jacob Zuma uthi kuningi asazokukhuluma. UZuma ubekhuluma kanje eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu njengoba bekuwusuku lokuqala lokulalelwa kwecala lapho ezishushisela yena umshushisi woMbuso, uBilly Downer nentatheli uKaryn Maughan.

UMSHUSHISI wombuso uBilly Downer nentatheli uKaryn Maughan Isithombe: TWITTER

Ethula inkulumo yakhe, uveze ukuthi akasezothula.

“Izinsuku ziyeza ngisazokhuluma impela ngikhulumisise. Ngike ngakhuluma kulezi zinsuku ezedlule, ngikhuluma kancane kodwa ngisazokhulumisisa,” esho ngaphandle kwenkantolo.

UZuma usola uDowner noMaughan ngokuphula umthetho ngokuveza imininingwane ebucayi ngesimo sempilo yakhe.

UZuma uthe ngeke ahlale agoqe izandla ebe ebona kuphulwa umthetho. Uthe okuhle kulokhu useyakwazi ukuthi azifikele mathupha enkantolo kwazise sesiphelile isigwebo sezinyanga ezingu-12.

Ekhuluma ngesigwebo uZuma uthe kubalulekile ukuthi alimele iqiniso futhi akaqali ukuboshwa kodwa uma eboshelwa iqembu lakhe akunankinga.

UZuma ubonge ubuholi obusha be-ANC esifundazweni obuphume ukuzomeseka.

UZuma uphethe inkulumo yakhe ngengoma yodumo ethi Umshini wam.