Izindaba

I-IFP iphika eyokugwazela owe-ANC olaxaze ubukhansela

Sabelo Nsele|Published

I-IFP iphika eyokugwazela owe-ANC olaxaze ubukhansela, isithombe: Motshwari Mofokeng/African News Agency (ANA)

I-IFP iyazichitha izinsolo zokuthi igwazele ikhanselale-ANC elisanda kusula ngezigidi zamaRandi.

Le nhlangano ithe akusilo iqiniso ukuthi igwazele uMnuz Michael Khuzwayo ngoR2 million ukuze asule ekubeni yikhansela laku-ward 5 kuMasipala waseMthonjaneni.

UKhuzwayo usule kulesi sikhundla ngeledlule. Ukusula kwakhe kusho ukuthi kufanele kubenokhetho lokuchibiyela kule ward. Uma i-IFP iwina kulolu khetho ingaba sethubeni lokwandisa izihlalo zayo kulo mkhandlu.

I-IFP ayizange iwuphumelele ngamalengiso lo mkhandlu njengoba idinga isihlalo se-EFF ukuze ibuse. Ukunqoba i-ward 5 kungasho ukuthi isingakwazi ukubusa umkhandlu ngokuzimela. Ukwesula kukaKhuzwayo kushiye i-ANC inezinsolo zokuthi i-IFP iphezu kombhidlango wokugwazela amakhansela e-ANC ukuba esule ukuze kube nokhetholokuchibiyela.

Okhulumela i-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Mafika Mndebele, uthe uKhuzwayo wazisholo yena ukuthi i-IFP yamheha ngemali nomsebenzi ukuthi ashiye.

“Baningi abasithintayo okuhlanganisa nezihlobo zakhe ziqinisekisa ukuthi impela kwakuyiqiniso lokhu akusho uKhuzwayo ukuthi uzohamba ayokwamukela imali (R2million) kwi-IFP ehambisana nophiko loKlebe olulwa nobugebengu.

“Aseyinsakavukela amaqhinga e-IFP okuthenga amakhansela e-ANC ukuze asule ezikhundleni. Lokhu kungubugebengu futhi kufanele kuphenywe ngoba kuyacaca ukuthi ngumkhonyovu.”

I-ANC ithe kusukela uKhuzwayo athumela incwadi ekhuluma ngokwesula, usevele wanyamalala.

“Lokho kuyasikhombisa ukuthi nempela wayezimisele ukudayisa i-ANC ukuze athole umvuzo awuthenjiswayi-IFP. Siyavumelana nobuholi baseMusa Dladla ukuthi ukunyamalala kukaKhuzwayo ngukuzama ukugwema izinsuku ezingu-14 ezibekwe yikhomishini eyengamele ukhetho i-IEC ukuthi i-ANC izame ukumnxenxa ukuthi ashintshe umqondo, nokuthi ithole izizathu zokwesula kwakhe enhlanganweni, nokuthi asihoxise isicelo sakhe sokwesula ukuze aqhubeke asebenzele i-ANC.”

Okhulumela i-IFP kuzwelonke, uMnuz Mkhuleko Hlengwa, uzihleke njengehlaya izinsolo. Imizamo yokuthola ukuphawula kukaKhuzwayo ayizange iphumelele njengoba ucingo lwakhe belungangeni.

UMasipala waseMthonjaneni uthe ubusuyazisile i-IEC ngokwesula kukaKhuzwayo, wathi ulinde ukuthi i-IEC ikhiphe usuku lokhetho lokuchibiyela.

Isikhundla sikaKhuzwayo sizobanjwa nguSomlomo uNkk Ntombiyenkosi Mbatha, kuze kukhethwe.