ABAPRISTI baseBlessed Liberat, eNewlands West, okunguFr Ndumiso Khumalo, noFr Sihle Khumalo bathathwe noNkk Lungi Cindi osemhlanganweni wama-Anna Isithombe: SITHUNYELWE
KUVUNGUZE umoya woxolo, owokuthula nokuzigqaja ngamasiko ebandleni lamaRoma, iBlessed Liberat, eNewlands West, enkonzweni yokugubha amagugu.
Ipherishi iholwa nguFr Ndumiso Khumalo, noFr Sihle Njiyela, abangaphansi komhlangano wamaFranciscan. Bekuvakashe umpristi uFr Thamsanqa Njiyela, oyiCMM (Congregation of Mariannhill Missionaries), owethule intshumayelo yosuku.
Ethula intshumayelo uNjiyela, wenze umzekeliso ngomama owayengafuni muntu kwakhe ngisho omakoti bamadodana akhe. Wathi ngisho esegula wayengafuni muntu kwaze kwaba akasakwazi ukukhuluma. Makhathaleni wagcina eshonile. Eqhuba intshumayelo uthe, ngemva kosuku engcwatshiwe umama kwahlangana umndeni, bathuka umama engena enjengoba enjalo.
Kuthiwa wayeselokhu ehlupha elwisa abomndeni wakhe. Enye yamadodana yakhe yacasuka yathatha ubhushu yayomthethisa ethuneni. Kuthiwa yilapho akhuluma khona wathi selokhu afika kulo muzi akakaze abe nokuthula yikho ebengenakho ukuthula yena uqobo.
Waxolisa ezinganeni zakhe, wahamba unomphelo. UNjiyela unxuse abantu ukuthi bajwayele ukuxolela abanye ukuze babe nokuthula ngoba uma ungaxoli ingcabha isala nawe.
“Uma umuntu ekudinile wabe usuyacasuka, yena usuke ejabula ngoba usuke ekufikise lapho efuna ufike khona, asizakale kanti uma unganaki uyajabha,” kweluleka uNjiyela.
Emuva kweMisa eliyingcwele amakholwa angene ehholo lebandla, lapho bekuhlelwe umcimbi wamagugu futhi kunandiswa ngendlamu, nokunye okuhambisana namasiko.
Bezibondiwe futhi kuyisiphihli sedili lokudla kwesintu kukhona amadumbe, inyama yangaphakathi, ujeqe, imifino, inyama yenhloko nokunye.
Isigceme iSt Anthony, sikhombise kafushane ukuthi kwakwenziwa njani kudala uma insizwa ishela intombi kanti lokhu kuthakaselwe ngabaningi.
Related Topics: