IMEYA yaseMhlathuze uMnuz Xolani Ngwezi oxwayisa abantu ngabaqola ngenombolo yakhe Isithombe: FACEBOOK
IIMEYA yaseMhlathuze uMnuz Xolani Ngwezi sekuphoqeleke ukuthi ikhokhe imali yabanye abantu abaqolwe obezibiza ngemeya. UNgwezi utshele leli phephandaba ukuthi ngoLwesibili ntambama ngehora lesine ivele yajama ifoni yakhe zangangena izincingo zangaphuma.
"Ngicabange ukuthi nginenkinga ye-network ngenxa yokulokhu kuhamba ugesi. Ngo-7 ebusuku ngabona ekankosikazi isebenza ngabona ukuthi kukhona okushaya amanzi. Ekuseni sengivuka ngemiyalezo yabantu abathumele imali okuthiwa ibicelwa yilo muntu osebenzisa inombolo yami. Abakwa Vodacom bathi kukhona owenze i-sim swap ukuze athole inombolo," kusho uNgwezi.
Phakathi kwabantu abaqoliwe kubalwa nabanye abayizikhulu zikamasipala okubalwa kubo noMnuz Nkosenye Zulu oyimenenja kamasipala obese emthumelele imali ngokushesha. UNgwezi kudingeke ukuthi abanye abantu abakhokhele imali yabo. " Kukhona esengimfakele u-R5 800 obethi uyasiza ngoba ubetshelwe ukuthi kunenkinga nomshayeli kudingeka imali ngokushesha. Sengiyile emabhange namaphoyisa angeluleka, sizama ukuyilungisa inkinga, ngicela abantu bangayifaki imali," kusho uNgwezi.
Kwenzeka lokhu nje uNgwezi unemidlalo ebizwa ngeMayoral Games eMhlathuze Sports Ground namhlanje nokulindeleke ukuthi ngo-Okthoba 15 kwenziwe eyesifunda yokuhlunga abazoyidlala kumaSalga Games ngoDisemba.
Related Topics: