UTIRA oyidube elehlukile kanti lana wathathwa nonina, namhlanje umhlaba wonke ugubha ngaye usuku lwezilwane Isithombe: TWITTER
NJENGOBA namhlanje umhlaba wonke ugubha iWorld Animal Day kubungazwe idube elazalelwa eKenya eliqanjwe ngelikaTira.
Leli dube elinamachofochofo laseMaasai Mara National Reserve lihlukile kwamaningi njengoba lishaya ngamachofochofo amanye eshaya ngemibala emthende. Lethiwe ngaleli gama nje kulandela ukubonwa kuqala omunye wabasebenzi bakulesi siqiwi u-Antony Tira. U-Antony watshela abezindaba eKenya ukuthi akakholwanga ezithela kulo ngasemfuleni nokwenze laqanjwa ngegama lakhe lase lithwetshulwa kabusha umthwebuli ozimele uYasuyoshi Chiba.
Abantu ezinkundleni zokuxhumana abawuvali umlomo ngobuhle bukaTira yize esenesikhathi azalwa. Namhlanje lugujwe ngaye usuku lwezilwane.
Sebekhona nabaveza imibono ehlukene nabachaza uTira njengedube elinesifo esiholele ekutheni ahluke.
" Idube elethiwe ngoTira linesifo esiwufuzo esibizwa ngePseudomelanism," kusho uKP kwiTwitter.
" Ngifisa ukulibona lihle kakhulu," kusho uMarlene Miles.
Related Topics: