Izindaba

I-Sadtu yeseka i-ANC okhethweni lwango-2024

Mhlengi Shangase|Published

UMENGAMELI we-ANC nezwe uMnuz Cyril Ramaphosa okulindeleke ukuthi akhulume emhlanganweni weSadtu eGoli Isithombe:Ayanda Ndamane African News Agency ANA

ENYE yezinyunyana ezinkulu ngaphansi komfelandawonye wezinyunyana zabasebenzi iCosatu, isiveze ukuthi mancane amalungu eCosatu avotela ukuthi iSACP ingenele ukhetho ngokuzimela ngo-2024.

UMengameli weSadtu, uMnuz Magope Mapila, uthe amalungu amaningi awazange asivotele isiphakamiso ngoba kunesivumelwano sokuvota ne-ANC.

Ekhuluma emhlanganweni iNational General Council (NGC) weSadtu eqhubeka eGoli, okulindeleke ukuthi kukhulume noMengameli Cyril Ramaphosa, uthe bangu-788 abavotela ukuthi iSACP ingenele ukhetho ngokuzimela.

Uthe akukwazi ukuthi emalungwini evile ku-1800 ayevota engqungqutheleni yeCosatu ebingesonto eledlule, kungathathwa isinqumo sengcosana ehambisana nesiphakamiso.

“Amalungu angu-1066 kawazange aseseke lesi siphakamiso. Ngakho kusho ukuthi iCosatu isamile ekutheni ivota ne-ANC njengoba singamadlelandawonye sihlale sivota noKhongolose.”

Uthe kumele kwesekwe i-ANC okhethweni oluzayo ngoba uma kungenjalo inkululeko eyazuzwa kanzima ingashabalala.

“Kukhona ingcosana yamalungu engasafuni lutho oluthinta i-ANC. Yingakho kwaze kwaba nesehlakalo sokuxoshwa kukasihlalo we-ANC, uMnuz Gwede Mantashe, owagcina engayethulanga inkulumo yakhe engqungqutheleni yeCosatu.”

Uthe akumele bakhale uma amalungu e-ANC esenza okufanayo, esechitha abaholi bezinyunyana kanjalo nabe-SACP emihlanganweni ye-ANC.

Uveze ukuthi uRamaphosa uzokhuluma emhlanganwenni weSadtu osongwa kusasa.