Izindaba

Sekukhona ababhadla ejele ngokudla eye-UIF yeCovid-19

Boniswa Mohale|Published

Sekukhona ababhadla ejele ngokudla eye-UIF yeCovid-19

UNGQONGQOSHE wezemiSebenzi, uMnuz Thulas Nxesi, uveze ukuthi sekuvalelwe ejele abantu abawu-10 abalahlwe ngamacala okudla imali yeCovid-19 Temporary Employer-Employee Relief Scheme (Covid-19 TERS).

Le mali yayikhishwa yi-Unemployment Insurance Fund (UIF) ukuze isize abasebenzi ababesezimbonini ezazivaliwe noma zingasebenzi ngokugcwele ngenxa yokubheduka kweCovid-19.

UNxesi utshele amalungu ePhalamende ekomiti lezemisebenzi ukuthi bayilandelile imali yeCovid-19 TERS, baze babopha abayidla kuyimanje abanye basejele.

UKhomishana we-UIF, uMnuz Teboho Maruping okunguye obethula wonke umbiko, uthe bawu-10 abantu asebesejele ngokukhwabisa, ukweba nokushushumbisa imali yeCovid-19 TERS.

Uveze ukuthi muva nje, umgcinimabhuku uLindelani Gumede, ugwetshwe iminyaka ewu-20 ebhadla ejele ngokudla uR11 million weCovid19 TERS, kubuye kwagwetshwa noMoroko Moremi nomkakhe, uTreasure Moreni, abakhwabanisa uR10 million weCovid-19 TERS.

Utshele amalungu ePhalamende ukuthi i-Asset Forfeiture Unit (AFU) isikwaze ukubuyisa uR133 million ewuqoqe ezinkampanini nakubantu ababehlomule kwi-TERS kungafanele. Uthe kubuye noR3.4 billion kwisigaba sabo sokuqala sokulandela imali yeCovid-19 TERS.

UNxesi ubonge zonke izinhlaka ezilandela imali yeCovid-19 TERS, esho nokuthi izinhlaka zomthetho ne-UIF bazosebenzisana ukuqinisekisa ukuthi abadla le mali bayajeziswa.

“Sibonga izinhlaka zomthetho ngokubopha abadle imali obekufanele isize abasebenzi abathwele kanzima ngenxa yokuvalwa kwezwe ngesikhathi seCovid-19. Ngiyathemba ukugwetshwa kwabantu kuzokhombisa nabanye abasacabanga ukweba imali ye-UIF ukuthi akufanele benze lokhu. Sizoqhubeka nokulandela imali nokubopha labo abasolwa ngenkohlakalo,” kusho uNxesi.

Uthe bayakwamukela nokuboshwa komsebenzi waKwaZulu-Natal, osolwa ngenkohlakalo, esho nokuthi ngeke bakubekezelele ukuba nabasebenzi abakhohlakele emnyangweni wakhe.

Uphethe ngokuthi kwisigaba sesibili sokulandela imali yeCovid-19 TERS esiqale ngoJulayi, sekuboshwe abantu abawu-30.