Izindaba

Usinde ngokulambisa obephucwa iselula, eVerulam

Zimbili Vilakazi|Published

IZIMOTO zosizo oluphuthumayo zeReaction Unit South Africa (RUSA) ngesikhathi zihambele endaweni yesigameko lapho kudutshulwe khona owesifazane osemusha ngesikhathi ebanjwa inkunzi Isithombe: SITHUNYELWE

USINDE ngokulambisa owesifazane osemusha odutshulwe ngesikhathi ebanjwa inkunzi ngoLwesithathu eTrenance Manor, eVerulam.

Ngokusho kukaMnuz Prem Balram, okhulumela inkampani yonogada abaqapha indawo iReaction Unit South Africa (RUSA), umgilwa uphucwe ifoni yakhe kulesi sigameko.

Uthe owesifazane (17) ubemile ngaphandle kwakubo emgwaqweni uRose Manor Crescent ngesikhathi ehlaselwa umsolwa.

“Umgilwa uthe ubemi ngaphandle kwakubo, elinde itekisi ngesikhathi kuqhamuka umuntu eza ngakuye. Uthe lo muntu uvele wamdubula ngale kokumxwayisa,” kusho uBalram.

Uthe umgilwa uthe uvele wawela khona lapho, umsolwa wabe esethola ithuba lokuthi athathe ifoni yakhe, iHuawei P8 Lite.

“Umgilwa uthe umsolwa ube esebaleka ngezinyawo,” kusho uBalram.

Uveze ukuthi bona babizelwe endaweni yesigameko amalungu omphakathi, ecelela umgilwa usizo lwezempilo.

Uthe ngesikhathi befika endaweni yesigameko umgilwa bamfice elele phansi, baqaphela ukuthi udubuleke ethangeni.

Ngesikhathi sokushicilela amaphoyisa athe belingakabi khona icala ebese livuliwe.