Izindaba

Isasasa ngemicimbi kaTrevor Noah

Nonkululeko Nhlapo|Published

KUCHWAZE izinkundla zokuxhumana kuvela izindaba zokubuya kukasomahlaya wakuleli ozinze phesheya, isithombe: TWITTER

KUCHWAZE izinkundla zokuxhumana kuvela izindaba zokubuya kukasomahlaya wakuleli ozinze phesheya.

UTrevor Noah umemezele ezinkundleni zokuxhumana ukuthi uyabuya kuleli ngemicimbi engu-12 ngonyaka ozayo.

Ngokubambisana nabeSavanna, lo somahlaya uzoba nemicimbi ezindaweni ezahlukene phakathi kuka-Agasti 31 kuya kuSepthemba 15 ngonyaka ozayo.

Amathikithi azoqala ukudayisa ngoLwesibili ekuseni.

@chris_ntokozo: Woah umuntu akanamali kodwa kukhona iqhinga enginalo, ngizodayisa isibindi sami ukuze ngithole amathikithi. Uma kukhona odinga sibindi, angithinte.

@KhuleMalandela: Angifune muntu nje ozothi angibonanga ngisaya kwamashonisha ngeke nje ngiphuthelwe mina ngiyaya ngodli.

@Bongie_Haemz: Kusazobamndi bafwethu #TrevorNoahLiveinSA ngizozitholela amathikithi, akukwazi phela ukuthi ngingabi khona 💃💃💃 #SiyavannaSA