KUCHWAZE izinkundla zokuxhumana kuvela izindaba zokubuya kukasomahlaya wakuleli ozinze phesheya, isithombe: TWITTER
KUCHWAZE izinkundla zokuxhumana kuvela izindaba zokubuya kukasomahlaya wakuleli ozinze phesheya.
UTrevor Noah umemezele ezinkundleni zokuxhumana ukuthi uyabuya kuleli ngemicimbi engu-12 ngonyaka ozayo.
Ngokubambisana nabeSavanna, lo somahlaya uzoba nemicimbi ezindaweni ezahlukene phakathi kuka-Agasti 31 kuya kuSepthemba 15 ngonyaka ozayo.
Amathikithi azoqala ukudayisa ngoLwesibili ekuseni.
South Africa!! I’ve teamed up with @SavannaCider for 12 shows from 31 AUG – 15 SEP 2023. Tickets go on sale tomorrow at 9am local, and you can find them at https://t.co/L7bDKHCHyQ - Can't wait to come home!! 🇿🇦 #SiyavannaSA @entertain_afric pic.twitter.com/LpytJmk4F0
— Trevor Noah (@Trevornoah) September 26, 2022
@chris_ntokozo: Woah umuntu akanamali kodwa kukhona iqhinga enginalo, ngizodayisa isibindi sami ukuze ngithole amathikithi. Uma kukhona odinga sibindi, angithinte.
@KhuleMalandela: Angifune muntu nje ozothi angibonanga ngisaya kwamashonisha ngeke nje ngiphuthelwe mina ngiyaya ngodli.
@Bongie_Haemz: Kusazobamndi bafwethu #TrevorNoahLiveinSA ngizozitholela amathikithi, akukwazi phela ukuthi ngingabi khona 💃💃💃 #SiyavannaSA
Related Topics: