Izindaba

‘Hamba Gwede, asinamali’

Nonkululeko Nhlapo|Published

KUHLAKAZEKE ingqungquthela yeCosatu kungalindelekile amalungu ayo evimba uSihlalo we-ANC, uMnuz Gwede Mantashe, ukuba athule inkulumo yakhe isithombe: Paballo Thekiso

KUHLAKAZEKE ingqungquthela yeCosatu kungalindelekile amalungu ayo evimba uSihlalo we-ANC, uMnuz Gwede Mantashe, ukuba athule inkulumo yakhe.

Namuhla wusuku lokuqala lwale ngqungquthela ezothatha izinsuku ezine eGallagher Estate eMidrand.

Le ngqungquthela ivulwe ngumengameli weCosatu obheke ihlandla lesibili, uNksz Zingiswa Losi, odalule ukuthi abasebenzi banezikhalazo eziningi ngezinto ezenzeka kuleli okubalwa kuzo inkinga kagesi, umnotho ontekenteke kanjalo nokwentuleka kwemisebenzi.

Kuthe sekumele kukhulume uMantashe, avuka ngolaka amalungu eCosatu ezwakala ngengoma ethi, “Hamba Gwede, asinamali.

Kudingeke ukuba uMantashe avikelwe ngabaqaphi bakhe namanye amalungu e-ANC ayingxenye yale ngqungquthela ngoba bekubonakala ukuthi abasebenzi badinwe bagane unwabu futhi akukho abafuna ukukuzwa okuphuma kuyena.

Abanye abasebenzi abathe qaphu kwabezindaba, baveze kuthi bakhathele izithembiso ezingafezekiswa futhi bafuna imali yabo.

UNksz Lindiwe Sisulu unxuse abezindaba ukuthi bangamxini ngemibuzo okwamanje uMantashe. Uthe uzobuye akhulume nabezindaba futhi bonke njengoba belapha bamele i-ANC, bazosenza isikhathi sokukhuluma kahle nabezindaba ngokwenzekayo.

“Sinicela kahle, sinicela kahle, sidinga ukuzilungisa thina,” kusho uSisulu.