Izindaba

UMbalula wethule umbiko ngengozi yasoPhongolo

Nonkululeko Nhlapo|Published

UNGQONGQOSHE wezokuThutha nokuPhepha koMphakathi, uMnuz Fikile Mbalula, uhambele oPhongolo kulandela inhlekelele yengozi eyenzeke ngeledlule.

Kule ngozi kwafa abantu abangu-20 ngesikhathi iloli lishayisana neveni elincane ebelithwele izingane zesikole nabantu abadala.

Umshayeli weloli, uMnuz Sbusiso Siyaya (28), wabekwa amacala angu-20 okubulala ngokungenhloso. Icala lakhe lahlehliselwa umhla zingu-26 kwephezulu lapho umsolwa ezofaka khona isicelo sebheyili.

UMbalula wethule umbiko ngale ngozi. Lo mbiko uveza ukuthi ingozi idalwe yiphutha elenziwe wumshayeli lapho efuna ukudlula elinye iloli endaweni engafanele.