Izindaba

Kwehlile kancane ukubiza kwezinto ezweni

Boniswa Mohale|Published

KUSIZE kakhulu ukwehla kwentengo kaphethroli kuleli Isithombe: SIGCINIWE

UKWEHLA kukaphethroli kusize ukwehlisa i-consumer price index (cpi) kwayisusa ku-7.8% ebikuwona ngoJulayi kwayibeka ku-7.6% ngo-Agasti.

Lokhu kudalulwe yinhlangano eyenza ucwaningo ngayo yonke into ethinta iNingizimu Afrika, iStatsSA izolo.

Ngokusho kweStatsSA, uphethroli usuwehle ngo-5.0% kusukela phakathi kukaJulayi no-Agasti. Lokhu kunomthelela omuhle ekwehliseni i-CPI.

Yize i-CPI yehlile kodwa intengo yokudla neziphuzo ezingenabo utshwala kuvela ukuthi kunyuke ngo-11.3% ezinyangeni ezidlule.

Izinkwa nama-cereal kunyuke ngo-3.1% phakathi kukaJulayi no-Agasti kanti impumpu yona inyuke ngo-4.8%, kwathi ufulawa wanyuka ngo-3.9%.

Inyama yona kuvela ukuthi inyuke ngo-9.4% ngoJulayi, kwathi ngo-Agasti yehla kancane njengoba ibisiku-9.2%.

Intengo yobisi, amaqanda noshizi nayo iStatsSA iveze ukuthi inyuke ngo-2.1%.

Kuvela ukuthi amafutha yiwona anyuke kakhulu njengoba eku-37.6%.

Amatiye anyuke ngo-11.8% bese izibulali-magciwane okubalwa nokokuhlanza izindlu nensipho yokuwasha kona kunyuke ngo-26.2%.

Kulindeleke ukuthi namhlanje iBhange loMbuso limemezele ukuthi imalimboleko liyibeka kusiphi isigaba. Izazi zomnotho zilindele ukuthi inyuke ngo-75 basis points ngenxa yokuthi i-CPI isingaphezulu kwesilinganiso seSouth African Reserve Bank ethanda ukuthi ibe phakathi kuka-3 no-6%.