KULINDELEKE ukuthi uMengameli uCyril Ramaphosa abuye kuleli ngemuva kokutshalwa kweNdlovukazi yamaNgisi, isithombe: Phando Jikelo/African News Agency(ANA)
KULINDELEKE ukuthi uMengameli uCyril Ramaphosa abuye kuleli ngemuva kokutshalwa kweNdlovukazi yamaNgisi.
Lesi sinqumo usithathe ngemuva kokubiza umhlangano ophuthumayo nongqongqoshe beKhabinethi yakhe nezinye izikhulu zikahulumeni ngeSonto ebusuku.
Uhambo lukamengameli luqale e-United States of America (USA) lapho ahlangane khona noMengameli u-Joe Biden ngoLwesihlanu, ngoSepthemba 16, 2022, ngaphambi kokudlulela e-United Kigndom (UK) ngeSonto, njengoba eyingxenye yabahambele inkonzo yokutshalwa kweNdlovukazi u-Elizabeth II
Sekungokwesibili uRamaphosa enqamula uhambo lwaphesheya ngenxa yezinkinga zikagesi.
Ngo-2019, washeshe wabuya ohambweni lwakhe lwase-Egypt, nangaleso sikhathi izwe lalingene esigabeni sesithupha sokucishwa kukagesi okuhleliwe.
The sound of bagpipes gets to me every single time. So evocative. #queensfuneral pic.twitter.com/hO7rdTUCjh
— James Melville (@JamesMelville) September 19, 2022
If you ever feel nervous, just remember these lads placing the queen and the Crown Jewels on a carriage in front of a billion people. #welldone #queensfuneral pic.twitter.com/b8AP36cHTE
— Reece Johnstone (@TheManUtdPod) September 19, 2022
Related Topics: