Izindaba

Luyabuya uhlelo lokulekelela intsha ngezamabhizinisi

Nokulunga Mkize|Published

Luyabuya uhlelo lokulekelela intsha ngezamabhizinisi eNedbank.

LUYAQHUBEKA nokulwa nokwenyuka kwezinga lokungasebenzi kwentsha yakuleli ibhange iNedbank.

Lokhu lizokwenza ngomkhankaso weYouthX, okuwuhlelo lokuqeqesha intsha ngokuziqalela amabhizinisi, nangezinsiza ezizolekelela ukuze izohlomula ngolwazi.

Umphathi omkhulu wophiko lokukhangisa kwaNedbank, uMnuz Mongezi Sokanyile, usho lokhu ngenkathi ekhuluma neSolezwe.

Uthe inhloso yeYouthX wukuhlomisa ngolwazi intsha engosomabhizinisi abasafufusa ukuze ikwazi ukugcina noma ukukhulisa amabhizinisi.Uthe uhlelo luza eThekwini ngoMgqibelo.

“I-YouthX imayelana nokuhlanganisa intsha ukuze yabelane ngemibono yokuzisungulela amabhizinisi futhi ithole nethuba lokuveza amakhono ehlukene.

“Lokhu sikwenziswa wukuthi sibalekela ukwanda kwentsha efundile kepha ehlezi emakhaya ngenxa yokungawutholi umsebenzi,” kuchaza uSokanyile.

Uthe ngohlelo lwabo babuye basebenzisane nabantu asebezakhele igama emikhakheni eyehlukene futhi abaziwayo ngoba yibona abaxhumana kakhulu nentsha.

“Sivame ukusebenzisana kakhulu nosaziwayo abasebasha, ukuze kuzoba lula ukuthi babe nezingxoxo ezekhulisa intsha.“Sifuna abantu bazi ukuthi inhloso yethu akusiyona imali kuphela kodwa siyikhathalele inqubekela phambili yentsha,” kuchaza uSokanyile.

Uveze ukuthi uhlelo lubuya okwesibili kulo nyaka futhi luzoqhubeka minyaka yonke.

“Siluqale ngonyaka odlule futhi lwaba yimpumelelo kakhulu. Sabe sesithola ukugqugquzeleka njengoba sesizolwenza minyaka yonke,” kuchaza uSokanyile.

Uqhube wathi uhlelo luphinde luvumele intsha ukuthi ingenele umncintiswano, ibonakalisa amakhono nomsebenzi wayo ukuze izibeke ethubeni lokuwina umklomelo wenani likaR150 000, okuhloswe ngawo ukusiza abawinile ukuthuthukisa amabhizinisi abo, bathole namathuba okuwakhulisa.

“Owinile akagcini ngokuthola imali kuphela kodwa siyamlekelela ngomeluleki ozokumqapha aphinde ambonise ngezamabhizinisi, athole noqeqesho lwezezimali futhi uhlomula ngezinsiza zokuqala ibhizinisi, okukhona kuzo i-laptop, internet yamahhala nokunye okuningi okudingwa wumuntu oqala ibhizinisi,” kuchaza uSokanyile.

Uthe ugquguzela intsha ukuthi ingaziphuthiseli ngoba yithuba elihle leli futhi kungenwa mahhala ezinhlelweni.Luyabuya uhlelo lokulekelela intsha ngezamabhizinisi

■ UKUZIBEKA ethubeni lokuwina amathikithi okuba ingxenye yalo mbukiso, phendula umbuzo ongezansi bese ufaka negama lakho ku-33258, iSMS ibiza R1.50.

UMBUZO: Izoba ngaluphi usuku iNedbank YouthX Summit ezobanjelwa eThekwini? Abawinile bazokwaziswa ngocingo. Umncintiswano uzovalwa kusasa ngo-12 ebusuku.