Izindaba

Umasipala uhlanganise osomabhizinisi bendawo

Nqobile Masimula|Published

IMEYA kaMasipala waseNdwedwe, ikhansela uSam Mfeka, ikhuluma nosomabhizinisi bendawo emcimbini wabo Isithombe: NQOBILE MBONAMBI

NQOBILE MASIMULA

BACEBISANE ngezinto ezingathuthukisa indawo yabo osomabhizinisi baseNdwedwe namaphethelo abebehlangene emcimbini obungempelasonto.

Umcimbi obuhlelwe nguMasipala wakule ndawo oholwa yikhansela uSam Mfeka, bekuhloswe ngawo ukucobelelana ngolwazi phakathi kosomabhizinisi nomasipala.

Ekhuluma emcimbini obuseJohny Makhathini Hall, uMfeka uthe njengoba bewubuholi obusha obungene ngoNovemba 1 nyakenye, bahlele ukuthuthukisa indawo yabo.

“Sihlela ukuthi sithuthukise indawo yethu kanti lokhu ngeke sikwazi ukukwenza ngesabelo mali sisodwa. Yingakho simema osomabhizinisi abangatshala imali ukuze kuvuleke amathuba emisebenzi,” kusho uMfeka.

Uthe bewumkhandlu banombono wokushintsha indawo nomasipala waseNdwedwe ukuze kuliwe nesihlava esifana nokusweleka kwemisebenzi nobugebengu.

“Sifuna konke kube sobala futhi sibenze baqonde osomabhizinisi abakhele indawo yethu ukuthi ayikho imali etheni eyabelwa umkhandlu wethu njengoba isiyonke iwu-R292 million,” usho kanje.

Uthe bafuna ukuqeda ngale nto yokuthi kube nokuqagela uma kukhulunywa ngemali yomkhandlu futhi bakubeke obala asebekwenzile nabasafisa ukukwenza.

“Umkhandlu wethu muncane kodwa sinesifiso sokuwukhulisa, yingakho sesithembele ekubambisaneni sikufeze ndawonye konke esikufisayo ngendawo yethu,” kusho iMeya.

Phakathi kwezihambeli eziqavile ebezikhona kubalwa uMnuz Jeeten Singh, uNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho, uMnuz Sihle Zikalala, uMnuz Mpilo Nhleko, uMnuz Mukelani Ngwane, uMnuz Dumisani Shange noMnuz Atwell Mhlongo.