Uzobhadla ejele obengumgcinimafa KwaZulu-Natal
OWAYENGUMGCINIMAFA KwaZulu-Natal, uMnuz Dumisani Sipho Derrick Shabalala, ugwetshwe iminyaka engu-15 ebhadla ejele, yiNkantolo eNkulu eMgungundlovu.
NgoJuni, uShabalala walahlwa yicala lenkohlakalo, ukukhwabanisa, ukushintshisana ngemali ngendlela engekho emthethweni nokuphazamisa umthetho olawula ukuphathwa kwemali yomphakathi.
Lokhu kwakususelwa ekubandakanyeni kwakhe ecaleni eladuma nge “Amigos” eyabe ikhuluma ngokunikeza ngomsebenzi wokuhlanzwa kwamanzi ngenhloso yokuzuza okuthize.
Unkosikazi wakhe, uNkk Beatrice Shabalala, naye obebhekene namacala okushintshana ngemali, wakhululwa yinkantolo ngemuva kokuhoxiswa kwecala ayebhekene nalo ngoJuni.
Okhulumela iNational Prosecuting Authority (NPA) KwaZulu-Natal, uNkk Natasha Ramkisson-Kara esitatimendeni, uthe ukugwetshwa kukaShabalala kuza emva kokuthi wahlomula imali enguR1.5 million kwiNtaka Investments emva kokuthi inikwe umsebenzi wokuhlanza amanzi owabiza uR44 million.
“Leli cala lenziwa phakathi kuka-2004 no-2007 ngesikhathi uShabalala akha ubuhlobo nosomabhizinisi wase-Uruguay, uGaston Savoi, nenkampani i-Intaka Ivestments. UShabalala wathi esuka wahamba waya eBrazil, ukuyobheka imishini yokuhlanza amanzi,” kusho uNkk Ramkisson-Kara.
Uthe kwathi uma ebuya eNingizimu Afrika (uShabalala), wabhalela uNgqongqoshe, uDkt Zweli Mkhize, enza izincomo zokuthi imali yomsebenzi wokuhlanza amanzi ithathwe esikhwameni esasibekelwe ukuthi kusizwe ngaso abampofu.
“Kwagcina kuhlomula Intaka Investments kanti uShabalala wayengusihlalo wethimba elalisingethe ukuqokwa kwale nkampani,” kusho yena.
UNkk Ramkisson-Kara uthe lesi sigwebo sidweba isithombe esicacile ukuthi izikhulu zikahulumeni ziyajeziswa ngenkohlakalo eziyenzayo.
Uthe uShabalala ugwetshwe iminyaka engu-15 ngecala lokukhwabanisa, engu-15 ngecala lenkohlakalo, eyishumi ngecala lokushintsha ngemali okungekho emthethweni neyisihlanu ngokuphazamisa umthetho wokuphathwa kwezimali zomphakathi,” kusho uNkk Ramkisson-Kara.
Uthe uShabalala uzozidonsa kanyekanye izigwebo zakhe.
Uveze ukuthi akazoqale azidonse manje njengoba kulindeleke ukuthi ngoSepthemba 13, inkantolo ilalele isicelo sakhe sesikhalazo, ukuthi kubuyekezwe isigwebo sakhe.
Uthe icala eliphakathi koMbuso noSavoi ngodaba olufanayo, lona lizobuyela enkantolo ngoNovemba 14.
Umqondisi wezokuShushiswa koMphakathi eKZN, u-Advocate Elaine Zungu, usishayele ihlombe lesi sigwebo, wancoma umsebenzi omuhle owenziwe yithimba labashushisi namathimba abaphenyi.
“Lesi sigwebo sikhomba ukuthi yize noma kungabonakala sengathi ezobulungiswa zishaya ngonyawo lonwabu emacaleni enkohlakalo abucayi njengaleli kodwa ubulungiswa bugcina benzekile. I-NPA izolokhu iqhubekile nokuyisiphula nezimpande inkohlakalo ikakhulukazi kuhulumeni,” kusho uNkk Ramkisson-Kara.