Isithombe: SITHUNYELWE
IVUTHA bhe impi yesicoco sesitolo esidayisa inkukhu ethosiwe emnandi kunazo zonke.
IPedros ayizibekile phansi njengoba isiyikhombe ngobhoko iNandos ngesikhangiso sayo sakamuva esivela kwiTV.
UBradley Marshall, ongumphathi omkhulu kwezokukhangisa uchaze iPedros njengesitolo esikhula ngesivinini kwabadayisa inyama yenkukhu ephekiwe.
Lokhu kusho khona ukuthi iqinisa ngempela isisekelo sayo sokuthi ayiyi ndawo.
“Akuyona imfihlo ukuthi abantu baseNingizimu Afrika bayayithanda inyama yenkukhu ethosiwe. Ngakho-ke kuzohlezi kunomncintiswano ongumshosha phansi, phakathi kwabadayisi benyama ewulolu hlobo,” kusho uMatshall.
Uthe kuyancomeka ngempela ukukhula kwePedros ngoba yakwazi nokubekezelela isimo seCovid-19 esabulala amabhizinisi amaningi.
Ngokusho kukaMarshall, le nkampani izibeke endaweni enhle ngokugqama ezweni lonke.
“Sishaya inyama yenkukhu emnandi futhi engambi eqolo. Lokhu kwenza kube nzima kubantu bakuleli ukuthi bayizibe!”
Related Topics: