IKHULUNYELWA phansi indaba yesimo sendlovukazi yamaNgisi njengoba umndeni wayo uqoqelana ndawonye / crown jewels
IKHULUNYELWA phansi indaba yesimo sendlovukazi yamaNgisi njengoba umndeni wayo uqoqelana ndawonye.
Yize kungekho okuqinisekisiwe ngesimo sendlovukazi u-Elizabeth II, kodwa okuqaphelekayo wukuthi amazinyane ayo wonke alubangise esigodlweni esiseBalmoral eScotland lapho indlovukazi iqashwe khona ngodokotela.
Abaningi baqale ukusola ukuthi kukhona okungahambi kahle ngesikhathi indlovukazi ingaphumeleli ukuba yingxenye yomhlangano ojwayelekile ngoLwesibili.
Kuthiwa odokotela bayiyalela ukuthi iphumule usuku lonke.
Namuhla, abezindaba e-UK bathole umbiko othi indlovukazi ihlolwe wodokotela ekuseni namuhla, bangagculiseka ngesimo sayo. Lokhu kubenze bathatha isinqumo sokuthi bamgade eduze.
Abakhulumela indlunkulu baqinisekise ukuthi isidlulile emhlabeni indlovukazi.
Kuthiwa inkosana yendlovukazi uPrince Charles, okunguyena ozongase engene esihlalweni ifike nomkayo uCamilla nenkosazana uPrincess Anne, futhi bebekhona kusukela ekuseni.
Amanye amalungu omndeni, okubalwa kuwo uPrince William, inkosana kaCharles umfowabo uPrince Harry nomkakhe uMeghan nabo basendleleni.
Related Topics: