Izindaba

Kuvalwe ingxenye yesikhumulo sezindiza ngenxa yomlilo

Nonkululeko Nhlapo|Published

Kuvalwe ingxenye yesikhumulo sezindiza ngenxa yomlilo, isithombe: Twitter

KUVALWE ingxenye yesikhumulo sezindiza i-OR Tambo ngenxa yomlilo obhebhethekele khona.

Lokhu kuvezwe abe-Aiports Company South Africa (ACSA) ngoMsombuluko ntambama.

Le nkampani iqinisekise ukuthi i-21L/03R izingxenye zalesi sikhumulo esihamba izindiza uma zizosuka noma zihlale zivaliwe ngoba umlilo wokheleke khona.

“Ithimba lethu lezicishamlilo nezokuphepha lisebenza ngokuzikhandla ukubhula umlilo,” kusho bona ngesitatimende.