Izindaba

Kusolwa ubuxoki ngenkulumo kaMbalula

Nonkululeko Nhlapo|Published

AYEHLANGA kahle kubantu abaningi inkulumo kaNgqongqoshe wezokuThutha uMnuz Fikile Mbalula. Isithombe: Phando Jikelo

AYEHLANGA kahle kubantu abaningi inkulumo kaNgqongqoshe wezokuThutha uMnuz Fikile Mbalula.

UMbalula ubeseMpumalanga kwethulwa uhlelo lomgwaqo ngesikhathi ezwakala egadla kuMnuz Jacob Zuma eqhakambisa ukuthi weseka uMnuz Cyril Ramaphosa.

Lo ngqongqoshe ukubeke ngokusobala ukuthi uhamba naye uRamaphosa futhi udaba lwePhala Phala bazoluphendula abayona iNkandla bona.

@mpendullo: UMbalula uhlezi ehluleka, kumele ukhathazeke uma ungumlandeli wakhe. Wahlulwa uGwede Mantashe engqungqutheleni, wathi weseka uNDZ wahluleka kuleyo ngqungquthela. Manje weseka uCyril, kucacile ukuthi kuzokwenzekani ngoDisemba.

@Mfo ka-Jobe: UFikile Mbalula edle amponjwana uthathe isinqumo sokugadla kowayengumengameli uZuma engasukelangwa umuntu ngoba ipolitiki yakhe ayilutho ngaphandle kokuthi akhulume ngamagama abantu, uyazi ukuthi akukho angakusho ngoCyril Ramaphosa ngakho-ke kungcono agxeke uZuma no-Ace Magashule.

@ntlok6: Uphila kanjani uma ufana noMbalula, ungenakho ukuthembeka, inqobo-nje uma uholile?