Izindaba

Injabulo kuhoxiswa amacala kowayengungqongqoshe wezolimo

Nonkululeko Nhlapo|Published

Mandla Msibi addressing his supporters after being released on bail a week ago. Picture: Supplied

AHOXISIWE amacala abebekwe uMnuz Mandla Msibi, owayengungqongqoshe wezolimo eMpumalanga, nabahlanu asolwa nabo.

UMsibi, nasolwa nabo, bebebhekene namacala amabili okubulala nelilodwa lokuzama ukubulala. Ngo-Agasti 22 nyakenye kwadutshulwa kwabulawa uSindela Sipho Lubisi noDingane Ngwenya, kwalimala uMnuz Sifiso Mpila ngaphandle kwaseCoyote Shisa Nyama eMbombela.

Bonke abasolwa bebengaphandle ngebheyili kaR2000 umuntu emunye.

Namuhla bavele eNkantolo eNkulu yaseMbombela lapho okuvele khona ukuthi amacala ababekwe wona ayahoxiswa.

Okhulumela abeNPA eMpumalanga, uMonica Nyuswa, uqinisekisile ukuthi amacala ahoxisiwe okwesikhashana ngenxa yemininingwane engakatholakali nokuyinto evezwe ngabashushisi.

“Sibone kungcono ukuthi icala lingaqhubeki kukhona imininingwane eshodayo yingakho icala lihoxisiwe okwesikhashana. Uphenyo lusaqhubeka futhi abasolwa basanalo icala abangaliphendulela,” kusho yena.

Abalandeli bakaMsibi bebegcwele ngaphandle kweNkantolo eNkulu eMbombela. Kuzwakale inhlokomo nenjabulo ngokuhoxa kwecala lakhe.