USHONILE owesilisa obevaleleke emotweni ephoseke kwi-swimming pool isithombe: EMER-G-MED
UKHISHWE esethule umshayeli wemoto ephoseke kwi-swimming pool ngoLwesihlanu emini ngo-11, emgwaqweni uMonmouth, e-Athlone Park, Amanzimtoti.
Abezimo eziphuthumayo bafike endaweni imoto isabheke phezulu emanzini. Kuthiwa umshayeli uhlulekile ukuyilawula yaphaphalaza yashayisa udonga lomuzi anduba ingene emanzini.
“Kutholakale owesilisa esavaleleke phakathi emanzini, okudingeke ukuthi kubizwe ochwepheshe bezokutakula emaphoyisa ukuba bazolekela,” kusho uKyle van Reenen khulumela abe-Emer-G-Med.
Esekhishiwe umshayeli wemoto, kubonakale ukuthi azisekho izimpawu zimpilo kuyena, wachazwa ngokuthi ushone ekhona lapho.
Ayikacaci kahle imbangela yengozi kodwa amaphoyisa ayaphenya.
Related Topics: