Izindaba

Usenkantolo owaseMozambique ngelokuduna imoto

Nonkululeko Nhlapo|Published

ZIMKHALELE owesilisa (34) ngemuva kwemibiko yokudunwa kwemoto yohlobo lweMercedes Benz GLC eMalahleni Isithombe: SAPS

ZIMKHALELE owesilisa (34) ngemuva kwemibiko yokudunwa kwemoto yohlobo lweMercedes Benz GLC eMalahleni.

Kuthiwa umnikazi wemoto ubephuma esitolo ngoLwesithathu ntambama ngesikhathi ehlaselwa yizigebengu.

Kulandelwe umkhondo wabasolwa, oholele amaphoyisa eMbombela.

Ukubambisana kophiko lwamaphoyisa nolweFlying Squad eNelspruit kuthele izithelo.

Umkhondo uholele amaphoyisa emzini oseNelsville eNelspruit, imoto eduniwe ipakwe egcekeni.

Uyedwa umsolwa obanjwe khona futhi utholakale nempahla eyebiwe kumgilwa.

Kuwona umuzi abekuwo, kutholakale imoto yohlobo lwe-Opel Astra okwakubikwe ukuthi yadunwa eNelspruit nngo-2015 neDaihatsu enombala osiliva kodwa uphenyo lukhombisa ukuthi isishintshwe umbala.

KULO muzi, kutholakale imoto yohlobo lwe-Opel Astra okwakubikwe ukuthi yadunwa eNelspruit ngo-2015 neDaihatsu enombala oyisiliva kodwa uphenyo lukhombisa ukuthi isishintshwe umbala

Kulindeleke ukuthi avele ngoLwesihlanu enkantolo ngamacala okuduna imoto nokutholakala nempahla eyebiwe.