UGWETSHWE iminyaka engu-8 owatapa ngezibhelu Isithombe: Motshwari Mofokeng/African News Agency (ANA)
INKANTOLO yesiFunda eThekwini igwebe owesilisa iminyaka eyisishiyagalombili ebhadla ejele.
UNjabulo Ncube ulahlwe ngamacala okugqekeza ngenhloso yokweba nokuntshontsha.
Kuthiwa lawo macala enzeka ngesikhathi sezibhelu ezenzeka KwaZulu-Natal ngonyaka odlule.
“UNcube nabanye bagqekeza esitolo esiseMbilo bazitapela kokwakuphakathi. Laba baboshwa ngamaphoyisa ayedlula kule ndawo,” kusho uNatasha Ramkisson-Kara okhulumela abeNPA.
Enkantolo uNcube waveza ukuthi akazukuba nayo indlela yokukhokhela izindleko zikaR27 000 zokulimaza impahla noma akhokhe inhlawulo.
Lokho kuholele ekugwetshweni kwakhe, ithimba labashushisi ebeliphethe leli cala lisamukele isigwebo.
Related Topics: