Izindaba

Zinyuke kakhulu izehlakalo zokugqekeza nokubulala

Nonkululeko Nhlapo|Published

UMNUZ Risenga Maluleke oyiStastitician General KwaStatsSA ngoLwesibili ukhiphe umbiko ngabantu ababe yizisulu zobugebengu ngonyaka wezimali 2021/22. Isithombe: Siyabulela Duda GCIS

UMNUZ Risenga Maluleke oyiStastitician General KwaStatsSA ngoLwesibili ukhiphe umbiko ngabantu ababe yizisulu zobugebengu ngonyaka wezimali 2021/22.

Ngokwalo mbiko kugqame kakhulu ukwanda kwezigameko zokugqekezwa kwemizi, ukubulawa kwabantu kanjalo nezakhamuzi ezizibona zingaphephile emiphakathini yazo.

Angu-20 000 amacala okubulala abikiwe kulo nyaka wezimali.

Kubuye kwavela ukuthi alinganiselwa ku-2.2m amakhaya akuleli aseke agqekezwa kule minyaka emihlanu eyedlule. Ezinyangeni ezingu-12 ezedlule kubikwa ukuthi amacala afana nalawa abikwe kakhulu eGauteng, Western Cape naKwaZulu-Natal.

Kuthiwa bangu-62.9% abantu asebeke bagetshengwa izimoto noma amacala okugetshengwa kwezimoto abikiwe emaphoyiseni. Zingu-1.3 million izigameko zokugetshengwa noma zokubanjwa inkunzi phakathi kuka-2021/22.

Isibalo sabantu abathi bazizwa bephephile uma behamba emiphakathini yabo sisuke ku-84.8% sehlela ku-81.3%.

Abantu abaneminyaka engu-16 kuya phezulu bathi bazizwa bengaphephile uma behamba emiphakathini yabo.

Kuthiwa sikhulu isibalo sabantu basemakhaya abazizwa bephephile uma behamba emgwaqweni ebusuku uma kuqhathaniswa nabantu basemadolobheni.

Bangu-1.0m abantu abagetshengwa ngezindlela zobuchwepheshe besimanje (ukubanjelwa uR99 ekhadini, ukuthenga ngezinkundla ze-internet) kule minyaka emihlanu edlule.