Kabeneme ngemicikilisho yokuthola uR350, isithombe: sigciniwe
IZINHLANGANO ezilwela abathola isibonelelo sikahulumeni kazeneme ngesilinganiso semali okufanele umuntu ofake isicelo sesibonelelo sabangasebenzi abe nayo ebhange.
Izolo iSassa ikhiphe isitatimende esigcizelela ukuthi uNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi, uNkk Lindiwe Zulu, ngeledlule wenyuse isilinganiso semali okufanele abathola isibonelelo sikaR350 babe nayo ebhange, saba wuR624 sisuka kuR350.
IBlack Sash ithe lokhu kusazochitha izicelo zabaningi abangasebenzi, bekungcono ukube uNkk Zulu, lesi silinganiso singuR1 335.
“Baningi abasazosala ngaphandle ngoba umthetho uthi ukuze uthole isibonelelo sikaR350 wabangasebenzi kufanele ube nemali ewuR624 kuya phansi kwi-akhawunti yakho. Kasihambisani nokuthi kungenwe kuma-akhawunti abantu asebhange ngoba kwesinye isikhathi kuyenzeka ukuthi uhulumeni abe nemininingwane yasebhange emidala ekubeni isimo somuntu sempilo sesishintshile,” kusho iBlack Sash esitatimendeni.
Ithe kufanele abahola isibonelelo sikahulumeni banikwe ithuba lokwazisa abakwaSassa isimo sabo sempilo njalo emuva kwezinyanga ezintathu ngoba impilo ishintsha njalo.
Ithe ngokuthi abantu abaneminyaka ewu-18 kuya ku-59 kufanele bathole isibonelelo sabangasebenzi kungabhekwa imicikilisho eminingi ngoba uma umuntu engasebenzi kuyenzeka alekelelwe wumndeni noma ngabathile abazi isimo sakhe.
UNksz Tlou Seopa wenhlangano Amandla.mobi nayo elwela abathola izibonelelo, uthe ziningi izinkinga ngoR350 wabangasebenzi kangangoba le nhlangano ize yamashela uhulumeni ukuze kube nomnyakazo.
Ukhale ngokuthi lesi silinganiso sizokhiphela abantu ngaphandle ngoba namanje kusakhona abangaphumeleli uma befaka izicelo zikaR350 ngoba kuthiwa bathola imali ye-Unemployment Insurance Fund (UIF) yize bengakaze basebenze ndawo.
“Sifuna uMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi uze nezinhlelo zokuholela abangasebenzi isibonelelo, ucacise nokuthi imali engaholiwe izophuma nini njengoba kukhona abasalinde isibonelelo sikaJuni. Siyacela uhulumeni alungise izinkinga ezenza kuchithwe izicelo zabantu ngokushesha,” kusho uNksz Seopa, othe bazoqhubeka nokulwela ukuthi kube nesibonelelo sabangasebenzi besebenzisana nezinhlangano ezisiza umphakathi.
Esitatimendeni iSassa ithe ezinye izinguquko ngukuthi ngeke sisaba khona isidingo sokuthi njalo ezinyangeni ezintathu abahola lesi sibo baphendule imibuzo yokuthi basafanele yini wukusihola. Ithe lezi zinguquko zizokwenza ukuthi bande abantu abazokwazi ukuthola lesi sibonelelo.