Kuvuswe amacala ayebekwe unobhala wesifunda: Motshwari Mofokeng/ African News Agency (ANA)
KUVUKA inyama ogqokweni kuNobhala wesifunda Amathole e-Eastern Cape kuvuswa amacala.
UThembalethu “Teris” Ntutu ongunobhala we-ANC nabangu-17 asolwa nabo abangosomabhizinisi nezinkampani zabo nabasebenzi bakaMasipala uMnquma bavuselwe amacala akudala.
Laba basolwa nguTheory Mhlangabezi Mbandamana, Big Event Boy (PTY) LTD, Ntutu, Zanele Patience Mbewu, Regis Masuku, RPS Engineering CC Ilangabi, Luleka Nonyongo, Lubabalo Majingolo, Amanda Ntamo, Dunyiswa Olga Mrwetyana, Viwe Phindile Madolo, Sakhumzi Mxiwodumo Madubela, Lusindiso Patric Boya, Kulile Clock, Primrose Vuyokazi Zameka Ganya, Grase Tasana no-Ivi Sikhulu Nqwena, babhekene namacala okukhwabanisa nokuphula umthetho kamasipala wokuphathwa kwezimali.
Amacala ayamane nezinkontileka ezingekho emthethweni zamathenda ezatholwa ngabasolwa. Izinkontileka ngezenani elingaphezu kukaR24 million zohlelo lweTurnkey electrification project, zanikezwa inkampani iRPS Engineering CC/RPS Ilangabi.
Nenye inkontileka yonyaka yokuthenga nokuletha izinsizakusebenza zokuhlanza eyanikezwa iBig Event Boy nguMasipala uMnquma yenani likaR10 million.
Abasolwa abangu-15 kulaba bavele eNkantolo eNkulu eMthatha ngoMsombuluko, icala labo lahlehliselwa umhla ka-9 Septhemba 2022.
Abasolwa baqala ukuvela enkantolo ngomhla ka-16 Febhruwari 2017, lahlehliswa izikhathi eziningi, lagcina selikhishiwe enkantolo ngonyaka odlule.
UMbuso wazama ukulibuyisela enkantolo ngo-Ephreli kulo nyaka kodwa abasolwa basiphikisa leso senzo futhi baphumelela, bekhala ngokuthi amasamanisi abawanikwanga ngendlela.