Izindaba

Zinkani zababili abasesithenjini belwela amafa

Zelda Venter|Published

Zinkani zababili abasesithenjini belwela amafa

ADUDULANA enkantolo eNkulu yasePitoli amakhosikazi amabili alwela amafa omyeni wawo.

Umakoti wokuqala uthe washada umshado wesintu nomufi ngo1991 kanti owesibili yena uthi bashada umshado wephepha ngo-2007.

UDipuo Phele, okungumakoti wokuqala uthe sekuphele iminyaka engu-30 ashada nomyeni wakhe unikele kule nkantolo ngoba efuna ibone yena njengonkosikazi okunguyena yena kaSteve Sibanyoni owashona ngoDisemba 2020. Uthe umshado wakhe awuzange ubhaliswe eMnyangweni wezaseKhaya kodwa ubephethe incwadi evela emkhandlwini wamakhosi amaNdebele eqinisekisa umshado wakhe. Uthe umshado wakhe awuzange uphele ngesikhathi umyeni wakhe ethatha unkosikazi wesibili futhi umthetho owengamele imishado yesintu uyawuvikela umshado wakhe.

Owesibili uMaria Sibanyoni, utshele inkantolo ukuthi nguyena unkosikazi osemthethweni futhi waba nomshado omkhulu kubona wonke umuntu. Uthe owokuqala akakaze aphikisane nokubakhona kwakhe kuze kube yimanje.

Ijaji uCassim Sardiwalla lithe inkantolo izocubungula kahle yonke imithetho eyengamele isintu nenqubo yaso nakho konke okwenziwa uma kulungiselelwa ukushada. Uthe kuzobhekisiswa ukugcinwa kwezinto ezifana nelobolo nayo yonke imicimbi yesintu eyenziwa uma kuzoshadwa.