Izindaba

Amadoda adlwengule ephindelela izingane

Intatheli Yesolezwe ngoMgqibelo|Published

NGENYE yezingane ezibe yizisulu zokudlwengulwa eNingizimu Afrika Isithombe:ESIGCINIWE

ABESILISA ababili baKwaZulu-Natal bagwetshwe odilikajele ngokudlwengula amantombazane amabili, eneminyaka ewu-12 neno-13.

NGENYE yezingane ezibe yizisulu zokudlwengulwa eNingizimu Afrika Isithombe:ESIGCINIWE

Umlisa oneminyaka ewu-24 waseMahlongwa, eMkhomazi, ugwetshwe yiNkantolo yeMantshi yaseScottburgh ngokudlwengula intombazane yakwamakhelwane eneminyaka ewu-12, amahlandla amabili ngo-2020. Okhulumela uPhiko lwezokuShushisa kuzwelonke, uNkk Natasha Kara, uthe umlisa nentombazane babazana njengoba behlala esigodini esisodwa.

"Ngobusuku besigameko, intombazane yayidlala ngaphandle komuzi ngesikhathi eyibiza njengomuntu oyithuma esitolo sendawo. Ngesikhathi seyinaye, wayithatha wayiyisa endlini karawondi eseduze lapho afike wadlwengula khona kwaze kwaba kabili. Waze wayidedela ngoba esezwa ibizwa ngudadewabo. Wabaleka endaweni yesigameko kodwa wabanjwa, waboshwa emuva kwamasonto ambalwa." UNkk Kara uthe ingane yabuyela kubo lapho yafike yazisa umndeni wayo ngokuyehlele maqede kwabikelwa amaphoyisa.

"Intombazane yaphuthunyiswa eThuthuzela Care Centre, (okuyisikhungo esisesibhedlela saseMlaza, iPrince Mshiyeni Memorial) lapho beyinakekelwa khona futhi inikezwa usizo ngokomqondo ukuze ibe namandla okubhekane nokuyehlele." Esinye isigameko, indoda yaseNorthdale, eMgungundlovu nayo igwetshwe udilikajele ngokudlwengula indodakazi engayizali ngesikhathi unina esemsebenzini. Lo mlisa oneminyaka ewu-36 ulahlwe yiNkantolo yeMantshi yaseMgungundlovu ngecala loludlwengula intombazane eneminyaka engu-36.

Abophiko lwezokuShushisa kuzwelonke bathe umlisa, ohlala eNorthdale, ubezitika ngocansi "ngendodakazi" phakathi kukaSepthemba 2016 noJuni 2017.

UNkk Kara uthe intombazane yayisaba ukubikela unina, obeshade nomlisa oyidlwengulile ngoba izitshela ukuthi ngeke ayikholwe.

"Yagcina ibikele umzala wayo (ngokwenziwa nguyise uma unina esemsebenzini). Umzala nguye owabikela abazali, ababe sebebikela amaphoyisa. Indoda yabe seyiboshwa maqede umntwana wayiswa eThuthuzela Care Centre, e-Edendale lapho ethole khona usizo lokwelashwa ngokwengqondo."

Intombazane ihlukumezeke kakhulu kangangoba izame nokuzibulala futhi yaze yaphoqeleka nokulaxaza phansi isikole ngoba bekungasafundeki.

"Yabuye yahlukunyezwa wukuthi unina ubengayikholwa yona kodwa waqoma ukuchema noyise kunayo," kuphetha uNkk Kara.

IOL