Izindaba

Ushone ethamele ilanga unina kaMbhishobhi uDube

Khethukuthula Sangweni|Published

UMUFI uNkk Esther Busisiwe Dube nendodana yakhe uMbhishobhi Vusi Dube ohola ibandla iThekwini Community Church Isithombe : SITHUNYELWE

AKABIKANGA mkhuhlane uvele wagebisa ikhanda wathula uNkk Esther Busisiwe Dube (88), ongunina kaMbhishobhi waseThekwini odumile, uVusi Dube ohola iThekwini Community Church.

UDube uthe unina owayenguthisha kudala, ubezihlalele kwakhe engumqemane nje ethamele ilanga wabonakala esebhekise ikhanda phansi.

UMUFI uNkk Esther Busisiwe Dube oshone isigubhukane engakaze abike ukugula Isithombe : SITHUNYELWE

“Zithe uma zimbheka izingane zathola ukuthi usethule kwaze kwayoqinisekiswa esibhedlela ukuthi akasekho. Ubengumuntu ophila saka engenalutho nje. Bengisanda kuya naye komunye umcimbi abeyokhuluma kuwona ngoba ubewumuntu wabantu,’’ kusho uDube.

Uthe kufanele kugujwe impilo yakhe esikhundleni sokulila ngoba ukwenze konke obekufanele akwenze emhlabeni ekhulisa izingane zakhe ezifundisa.

Ubonge unina ngakho konke abenzele kona ebakhulisa ngendlela eyiyona. Uthe noma kubuhlungu kodwa baduduzwa wukuthi uphile isikhathi eside.

UDube uthe unina uzophelezelwa ngenkonzo ngoMgqibelo, ekhaya lakhe eMsebeni, eMpolweni. Ithambo lakhe liyofihlwa emathuneni aKwaNomgqobhela ngehora lokuqala emini.

UDube uthe unina ubenakho ukuncokola ngomngcwabo wakhe ethi abomngcwaba kanjani kodwa benganaki kakhulu ngoba bebengakalindeli ukuthi uzoshona.