Izindaba

Abeneme ngesigwebo sowabulala abafundi ngetekisi

Anelisa Kubheka|Published

AYANDA Mtshali

KUBHEKA KUSENZIMA ukwamukela isimo kunina womunye wabafundi abathathu baseNewlands East Secondary abashona ngo-2019 beshayiswa yitekisi empambanweni yomgwaqo uDumisani Makhaye noNanda.

Lokhu kuvezwe nguNksz Nonto Ngubane, ongudadewabo ka-Ayanda Mtshali owashona eneminyaka engu-14 ngaleso sikhathi, ngemuva kokugwetshwa komshayeli, uSibonelo Bethell Zwane eNkantolo yeMantshi yaseNtuzuma, ngoLwesibili.

U-Ayanda, Thina Ngiba (14) noLuyanda Ngubane (13) babesendleleni ebheke esikoleni ngesikhathi behlelwa yingozi, bashona. UZwane ugwetshwe iminyaka eyisishiyagalombili ngamacala amathathu okubulala ngokungenhloso nokushayela budedengu. Echaza uNksz Ngubane, uthe u-Ayanda owayenza uGrade 9 ngaleso sikhathi ngabe wenza uGrade 12 kulo nyaka futhi ngabe uneminyaka engu-17.

AYANDA Mtshali
THINA Ngiba
LUYANDA Ngubane

Uthe isigameko saholela ekutheni unina agule. Uthe uhlaselwe wukhwantalala ngenxa yobuhlungu bokudlula emhlabeni kuka-Ayanda nendlela umndeni obunganakiwe ngayo kuleli cala.

“Besingazi lutho ngokuqhubeka ecaleni, lokho kuholele ekutheni abe nokhwantalala umama,” kusho uNksz Ngubane.

Uthe isigwebo seminyaka eyisishiyagalombili esinikwe uZwane, bengumndeni asibagculisi.

“Isigwebo seminyaka eyisishiyagalombili ekubeni kwalahleka impilo yabantu kasanele. Buphi ubulungiswa uma umuntu egwetshwa iminyaka eyisishiyagalombili? “Uzobe edla zonke izinsuku ejele, umama wami ngapha ongasasebenzi, yena uzobe edlani,” kusho uNksz Ngubane.

Uveze ukuthi unina wawuyeka umsebenzi ngenxa yokungakwazi ukwamukela ukuthi u-Ayanda udlule engozini.

Uthe okunye okubacasulile wukuthi uZwane wanikwa ibheyili ngesikhathi kuqhubeka ukuqulwa kwecala futhi ngaso leso sikhathi wabuyela emsebenzini wakhe wokushayela amatekisi.

Uqhube wathi okunye okubadinayo wukuthi bayazi ukuthi uZwane ngeke ayihlale yonke iminyaka eyisishiyagalombili ayigwetshiwe. Ngesikhathi imantshi uH Sevlall igweba uZwane ithe imjezisela isenzo sakhe esadala imiphumela engemihle. Ithe imjezisela icala lokubulala ngokungenhloso nelokuba budedengu.

Izincwadi zakhe zokushayela nazo zimisiwe ukuthi zisebenze izinyanga eziyisithupha. Imantshi ithe isigwebo sejele yisona esibone sifanele esizomfundisa esifundo uZwane nabanye ukuthi ubudedengu kubashayeli bamatekisi abufuneki.

“Wawushayela ngokungayihloniphi imithetho yomgwaqo, weqa isivinini esibekiwe, wangena erobhothini livaliwe, washayisa izingane.

“Konke lokhu kuwubudedengu. Njengomshayeli wetekisi, onePDP uthathwa njengomshayeli onamava, indlela owawushayela ngayo ngosuku lwesigameko, akuyona okwakufanele ushayele ngayo emgwaqweni,” kusho imantshi.