UNKSZ Sthembile Mthembu, othweswe iziqu zakhe, iDiploma in Library and Information Studies, eDurban University of Technology ngoLwesihlanu ISITHOMBE: SITHUNYELWE
SIPHUMELELE ngamalengiso isitshudeni saseDurban University of Technology (DUT) esibhale izivivinyo sisewodini siyobeletha.
UNksz Sthembile Mthembu (23) waseMayville, obethwesa iziqu iDiploma in Library and Information Studies, ngoLwesihlanu, uthe wayengeke avume ukulahlekelwa yithuba lokubhala izivivinyo zakhe. Wancamela ukubhala esewodini exinwe yizinhlungu ngoba bese kubhalwa online ngenxa yeCovid-19.
"Bengivele ngifunda kanzima njengoba bese kuneCovid-19, kwesinye isikhathi ngishodelwe idata, ngingakwazi ukungena ekilasini. Bengisizwa imali kaNSFAS ukwenza zonke izidingo zami. Uma ngishodelwa, bengingakwazi ukuyicela ekhaya ngoba ngiyazi abanayo. Angizange ngibatshele othisha bami ukuthi isimo sami sinjani, bengisaba, bekungelula ukuthi bazibonele ngoba besifunda online. Kuthe uma ngibuka amamaki ami onyaka wokugcina, ngabona ukuthi ngeke ngikwazi ukuthi ngiphuthelwe ukubhala ngenxa yokuthi ngisesibhedlela ngiyobeletha. Ngangena nezinto zami ewodini, ngangena online nami ngabhala. Uma izinhlungu zisangibambile ngithi ukuma kancane ngibuye ngiqhubeke," kusho yena.
Uthe odokotela nabahlengikazi babemthethisa bethi uzokwenza ukuthi ingane ibe nokhwantalala.
"Ngangivele ngizibe ngiqhubeke nokubhala. Abanye babeze bangiphuce izincwadi bekhathazwa ukuthi ukhwantalala enginalo luzodlulela enganeni. Okunye obekubakhathaza ukuthi bengilala ngesisu uma ngibhala ngoba ngihluleka ukubeka ilaptop phezu kwesisu. Namhlanje ngijabule kakhulu ukuthi ngiphase ngecum laude okusho ukuthi kungisebenzele ukuthi ngibe nesibindi," kusho yena.
Uthe ziningi izinto ebezimphazamisa ngoba ubengahlali ekhaya futhi eqala ukuzimela.
“Kunzima ukuhlala endaweni ehlala abafundi uma uqala ukuphuma ekhaya, kuningi ukuphazamiseka nezinto ezihehayo ezingenza ukuthi ugcine ungasangeni emakilasini. Mina ngakhetha ukuthi ezinye ngingazinaki ngibheke ukufunda, ngingazikhathazi kakhulu ngokuthi ngigqokeni,” kusho yena.
Uthe uzimisele ukuqhubeka nokufunda aze enze iPHD, aphinde abhale nencwadi ezofundisa abanye abantu abasha ngalo mkhakha ukuze bawazi kabanzi.