Izindaba

Usesebenzela phansi kwesihlahla usotswebhu “ophucwe” ihhovisi

Sabelo Nsele|Published

USESEBENZELA phansi kwesihlahla usotswebhu omkhulu womkhandlu wesiFunda iZululand, uMntwana uMbongiseni Zulu, “ophucwe” ihhovisi wumkhandlu.

Ngokwemithombo emibili engaphakathi emkhandlwini, uMntwana uMbongiseni usephenduke umantuntanendishi njengoba engenayo indawo yokusebenzela.

Kuthiwa uMntwana uMbongiseni ufice kushintshwe okhiye ehhovisi lakhe, wangakwazi ukungena.

Kuthiwa akalitholanga ithuba lokuqoqa izinto zakhe.Kusolwa ukuthi umyalelo wokuthi uMntwana uMbongiseni aphucwe ihhovisi uqhamuke kwimeya yomkhandlu, uMfundisi Thulasizwe Buthelezi.

Kuthiwa ubudlelwano bumuncu phakathi kwalaba bobabili.

UMntwana uMbongiseni ukuqinisekisile ukuthi akakwazanga ukungena ehhovisi lakhe kepha wanqaba ukunaba ngalolu daba.

Ukuqinisekisile ukuthi njengamanje akanayo indawo yokusebenzela.

“Njengamanje ngisebenzela phansi kwezihlahla, anginayo indawo yokusebenzela.”

UMntwana uMbongiseni uthe ngokwazi kwakhe akukho lapho asake agxobana khona nemeya yomkhandlu.

Kepha imithombo engaphakathi ithe isimo asisihle phakathi kwalaba bobabili.

“Inkulu into ebangwayo. Imeya yaze yalimisa ngembaba elokuthi yona nje ibikade imhlonipha usotswebhu ngoba nakhu kungowasendlunkulu kepha yathi sekuphelile lokho. Yasho sengathi ibimenzela ufefe ngokuthi imnikeze ihhovisi.’’

UButhelezi wenqabile ukuphawula ngezinsolo ezibhekiswe kuyena.

“Angizikhulumi izindaba zezindawo zokusebenzela kwabantu ngoba angihlangani nazo. Lezo yizindaba eziphethwe yimenenja kamasipala.”

Kanjalo nokhulumela umkhandlu, uNksz Zanele Mthethwa, naye wenqabile ukuphawula ngalolu daba.

Elinye lamaqembu aphikisayo emkhandlwini, iNFP, lithe lisazobhalela usomlomo womkhandlu, lifune izimpendulo.

Ohola iNFP eZululand, uMnuz Siphamandla Ntombela, uthe usotswebhu kufanele abe nendawo yakhe yokusebenzela.

Isikhundla sikasotswebhu singesinye sezibalulekile emkhandlwni, njengoba usotswebhu kunguye ophethe amakhansela omkhandlu.

UMntwana uMbongiseni usebenza njengekhansela ngokugcwele.Kunokukhathazeka ukuthi ukungabi nendawo yokusebenzela kwakhe kuzokhinyabeza ukusebenza kwehhovisi lakhe.

“Lesi simo sizokwenza ukuthi amakhansela engazi ukuthi azomthola kephi uma emdinga. Njengosotswebhu kufanele abe nendawo yakhe yokusebenzela lapho amakhansela ezomthola khona.

“Ngesikhathi umkhandlu wenza isicelo eMnyangweni wezokuBusa ngokuBambisana, sokuba usotswebhu asebenze ngokugcwele njengekhansela, kwachazwa ukuthi unayo indawo yokusebenzela. Kuyamangaza-ke uma esexoshwa,” kusho umthombo ongaphakathi.