Izindaba

Iphoyisa lidubule labulala indodana ngephutha

Jolene Marriah-Maharaj|Published

Iphoyisa lidubule labulala indodana lithi yisigebengu

IPHOYISA elizinze eThekwini lidubule labulala indodana yalo licabanga ukuthi isigebengu.

Lesi sigameko senzeke ngeSonto ekuseni kuQueen Elizabeth Avenue, eManor Gardens.

Kuthiwa iphoyisa belilele ngesikhathi lizwa indodana yalo imemeza ifuna usizo.

Lavuka isigubhukane liyobheka ukuthi kwenzenjani labona umuntu ongaziwa ewindini.

Labuyela emuva liyolanda isibhamu ladubula libhekise ewindini lingaphakathi endlini.

Lalingazi ukuthi indodana yalo ingaphandle ngesikhathi lidubula. Indodana yatholakala inamanxeba okudutshulwa esifubeni nasonyaweni.

Ngesikhathi libona ukuthi kudubuleke indodana yalo lasizwa omakhelwane ukuyiphuthumisa esibhedlela nokuyilapho eyashonela khona.

UBrigadier Jay Naicker okhulumela amaphoyisa uthe kuphenywa icala lokubulala.

“Amaphoyisa aseMayville aphenya ngesigameko esenzeke eManor Gardens lapho kudutshulwe khona ingane (10).”