Izindaba

Izintombi nto zifuna ukufundiswa ngamabhizinisi

Bongiwe Zuma|Published

KUBE usuku oluhlukile uMasipala waseMhlathuze uhlanganise izintombi nto uzifundisa ngezindlela zokuzivikela kwizigilamkhuba ezidlwengula izintombi . IMeya yaseMhlathuze uMnuz Xolani Ngwezi ithathwe nezintombi ebezikuwo lo mcimbi. Isithombe: BONGIWE ZUMA

ZILIGUBHE ngendlela ehlukile uSuku lweNtsha izolo izintombi nto eMhlathuze njengoba zicotshelelwe ngolwazi ngezinkinga ezikhungethe izintombi.

Izintombi ebezibalelwa ku-1 000 ezingaphansi kwamakhosi ehlukene koMasipala baseKing Cetshwayo zihlanganiswe uMasipala waseMhlathuze, eNtuze lapho zifundiswe khona ngokuzivikela ezimpisini ezidlwengula zibulale izintombi.

Ongoti bezamasiko, abezempilo, osonhlalakahle, Childline, ezobuciko namabhizinisi bebeyingxenye yalo mcimbi.Izintombi ziveze ukuthi yize zikulungele ukuzithiba nokuba isibonelo kontanga kodwa lokho kuhambisana nezingqinamba eziningi njengoba ziqhamuka emakhaya angafani nokwenza ezinye zigcine sezingabagilwa sabesilisa abangenazo izinhloso ezinhle.

KUBE usuku oluhlukile umasipala waseMhlathuze uhlanganise izintombi nto, uzifundisa ngezindlela zokuzivikela kwizigilamkhuba ezimelene nokudlwengula izintombi Isithombe: BONGIWE ZUMA

USibongakonke Dlamini (19) waseNseleni, ohlolwa kwiBhejane Camp, uthe le minyaka emibili edlule ibinzima kakhulu ngoba ziningi izintombi ezikhulelwe ngaphansi kwezimo ezingafanele.

"Emakhaya amaningi kuphele umsebenzi kubantu abadala, kwabakhona abakhohliswa abafana kalula ngoba befuna ukuthola ukudla. Abanye bagilwe omalume ababasabisa ngokuthi bazoyeka ukubondla uma bengavumi ukulala nabo, " kusho uSibongakonke.

UBongiwe Shandu (19) waseNseleni owaqala ukuhlolwa eneminyaka eyisishiyagalombili uveze ukuthi ufisa kube nohlelo lokuthuthukisa amakhono amabhizinisi oluzonikezwa izintombi.

“Siyazi ukuthi ngeke sibe nenhlanhla sihlomule sonke kodwa kungenza umehluko kulabo abangasizakala. Kuzosigqugquzela nathi njengezintombi ukuthi sikukhuthalele ukuzigcina sifundise nabeza ngemuva kwethu," kusho uBongiwe.

IMeya yaseMhlathuze, uMnuz Xolani Ngwezi, ithe yize lolu hlelo lungolokuqala ngqa kodwa bazoqinisekisa ukuthi luthela izithelo ezinhle nezintombi ziyahlomula.

"Sihlanganise izinhlaka ezahlukene ngoba sifuna izintombi zifundiseke ngezindlela zokuzivikela kubadlwenguli. Ukuntuleka kwemisebenzi kusezintweni eziholela intsha ezinkingeni eziningi, esifuna ukukuqeda ngokuqhamuka namacebo okusungula amabhizinisi azofukula nomnotho," kusho uNgwezi.